EzakamuvaIbhola

Engathi kuyakhanya kancane kuMailula phesheya

UCassius Mailula, owayengumgadli weMamelodi Sundowns, usegcine eliqedile ishobolo, eshaya igoli lakhe lokuqala eqenjini le-Major League Soccer, iToronto FC.

Bese kuqala ukuba kubana ukuthi lo mdlali ohambe kuleli ebukeka ekhula kahle kakhulu ijezi ulizwa ngendaba, noma enikiwe ithuba kunamhambeli kahle. 

UMailula ujoyine iToronto ngoJulayi ka-2023, esuka kwiSundowns la abekade engomunye wabadlali uRulani Mokwena athembele kubo.

Ukungadlali njalo kwakhe kuphinde kwamlahlekisela ngendawo yakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Umqeqeshi weToronto, uJohn Herdman, phambilini ubalule umbango wezindawo onzima kule ndawo edlalwa uMailula.

Uyibanga nabadlali abafana noFederico Bernardeschi wase-Italy nowayengukaputeni weNapoli uLorenzo Insigne. 

Nokho, uMailula ulisebenzisile ithuba anikwe lona bedlala neSimcoe County Rovers emdlalweni weCanadian Championship. 

Uvalele phakathi igoli lesibili leToronto ngomzuzu wama-30, waba nesandla ekunqobeni kwayo ngo 5-0, yadlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano.

ICanadian Championship, eyaziwa nangokuthi iVoyageurs Cup, ihlanganisa amaqembu angu-14 aseCanada kuphela. 

IToronto FC yiyona engompetha balo mqhudelwano, isiyinqobe amahlandla ayisishiyagalombili kusukela yasungulwa ngo-2008.