UMiddendorp uncome umfanyana omlamulele kwiBay
Kube wumqondo omsizile u-Ernst Middendorp ukushiya abadlali abanamava ebhentshini ajikijele oneminyaka engu-20 nobedlala umdlalo wakhe wesibili kwiDSt Premiership.
U-Azola Jakalashe nguye oshaye igoli elisize iCape Town Spurs yashaya iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoLwesihlanu ebusuku
“Amaphuzu amathathu abalulekile kakhulu kithi ukuthi sikwazi ukuphefumula,” kusho uMiddendorp ngemuva komdlalo.
Ube esebonga u-Azola Jakalashe ongene wenza umehluko njengoba kunguye noshaye leli goli abanqobe ngalo.
“Uma ubheka lo mfana oshaye igoli, usemncane angazi noma usefikile yini eminyakeni engu-19…
“Kukhona no-Asanele (Velebhayi), kukhona u-(Ashley) Cupido… Kunzima ukubenza baqonde okufanele bakwenze,” kusho uMazinyo.
Kuthe sekusele ngaphansi kwemizuzu eyishumi, nomdlalo ubonakala uzophela zibambene, uMiddendorp wafaka ummnfanyana omncane u-Azola Jakalashe.
Lo ‘Jakalasi’ ungene endaweni ka-Ashely Cupido, jwaba wukuqala kwezinkinga zeRichards Bay.
Bekusele imisuzu emine ngesikhathi uJakalashe engena phakathi kwezitobha zeBay qede wangqofa ibhola alizwe ngendaba uSalim Magoola.
Yilo leli goli eligcine linqume umphumela walo mdlalo, yaqoqa amaphuzu abalulekile iSpurs, izinika ithuba lokuthi isangalivika izembe.
Seyihlukaniswe amaphuzu amahlanu kuphela neBay esendaweni ka-15. NeMoroka Swallows ithole isibhaxu kwiTS Galaxy.
FUNDA NALA: UMazinyo uvuma eyokushona kwelanga kwiSpurs uma…
Lo mphumela wenze iSwallows yahlala endaweni ka-14, kanti iqhele ngamaphuzu ayisithupha kuphela kwiBay esemuva kwayo.