Ukufika kukaNtwari kwiChiefs kuqeda amathemba ngoKhune
SIHLE NGUBO
Awekho amathuba okuthi u-Itumeleng Khune anganikwa inkontileka entsha njengonizinti weKaizer Chiefs njengoba kuzoqala isizini ka-2024/2025.
Lokhu kuqinisekiswe izindaba zokuthi iChiefs seyisayinise unozinti weTS Galaxy, uFiacre Ntwari, okuthiwa imnike inkontileka yeminyaka emithathu. Lo nozinti ubesenenkontileka neRockets ngakho kuvela ukuthi iChiefs ishaye iphakethe yakhipha u-R5 million.
UKhune akanayo inkontileka neChiefs njengamanje kulandela ukuphela kwebikhona ngoJuni. Ngokusho kukaJessica Motaung, oyiMarketing Director yeChiefs, basaxoxa noKhune ngokuthi yiliphi iqhaza angalibamba kwiChiefs, asehlale kuyona iminyaka engu-25.
Nokho akubukeki ezonikwa inkontileka yokuthi abuyele ensimini adlale lo nozinti oneminyaka engu-37. UNtwari uzofika kwiChiefs kuvele kukhona uBruce Bvuma noBrandon Petersen ababanga ijezi. Asibonakali sizoba khona isikhala sikaKhune ongadlalanga imidlalo eminingi ngesizini edlule.
Kube nomdlalo wokubonga uKhune ngasekupheleni kwesizini edlule, ngamagalelo akhe kuMakhosi. Cisho abalandeli babegcina ukubona lo nozinti esemapalini evimbele iChiefs.
Ngokusho kukaMotaung bazomemezela maduze ukuthi kumi kanjani ngoKhune. Isimemezelo esingalindelwa esokuthi usewagaxa emgibeni amagilavu akhe lo nozinti.
Njengamanje iChiefs iseTurkey lapho ilungiselela isizini entsha. UKhune akahambanga neqembu kodwa kwiChiefs bathi abakamchithi.