EzakamuvaIbhola

UMayo ukhale ngokuvuza emuva iCity ibhuliswa amazolo 

Umdlali wasesiswini weCape Town City, Khanyisa Mayo uphume enemizwa ephikisanayo emdlalweni wabo neGolden Arrows kwiCarling Knockout Cup ngoMgqibelo. 

UMayo nguye uvotelwe ngabalandeli ukuthi nguye umdlali obevelele kulo mdlalo, okusho ukuthi uhambe nesamba sika-R100 000.

Nokho njengoba ezakhe ziwashiswe ijezi nje, injabulo yakhe incane kwazise ubefisa ukuthi baqhubekele phambili kulo mqhudelwano. I-Arrows inqobe ngo 3-1 kumo mdlalo.

“Kuyaphoxa. Siphoxeke kakhulu,” kusho uMayo ngemuva kwalo mdlalo obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

“Abekhona amabhola, ukuthi bebephuza ukuzongilekelela uma sihlasela. Kodwa yinto esingayilungisa ukuya emidlalweni elandelayo. 

“Asidlanga kabi, kodwa amagoli asingeneliile abengafanele. Akumele ungenelwe amagoli anjena,” kwengeza uMayo.  

Esiwombeni sokuqala i-Arrows beyingatatazeli futhi iyibukela iCity kuyiyo ephethe ibhola, yona ihlasela ngokuzuma. 

Kuyisebenzele ke lokhu njengoba kuyiyo elithole kuqala igoli. 

Bekungumzuzu ka-28 ngesikhathi uTebogo Tholane ededela elihle ishodi, wezwa ngenhlokomo yabalandeli uDarren Keet ukuthi selisenethini. 

Kodwa akuthathanga isikhathi eside ukuthi ibuye emdlalweni iCitizens. Ngomzuzu ka-36, uTahiir Goedeman elibeka enethini.

Kodwa zithe zibuya ekhefini, i-Arrows yakhombisa ukuthi kukhona abatshele khona uMabhuti Khenyeza. 

Ithole iphenathi ngomzuzu ka-46, uNduduzo Sibiya wamphambanisa nalo uKeet, kwaba ihamba phambili futhi i-Arrows. 

Kuthe la iCitizens isizama ukuphind eibuye, kwaqhamuka uKnox Mutizwa, waqedela umsebenzi omuhle we-Arrows, kwaba u 3-1. 

FUNDA NALA: URiveiro ubhoboka ngesifiso seligi kwiPirates

Zizamileke ezikaTinkler ukubuya, ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo, kodwa kwasho khona ukuthi mhlawumbe bekungelona usuku lwayo.