Akufani, iSundowns izoya kwiNdebe yoMhlaba
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ithole umthobanhliziyo ngemuva kokuthi iwashiswe ijezi kwiCaf Champions League ngoLwesihlanu.
Abafana Ba’Style bashaywe yi-Esperance yaseTunisia ngo 1-0 emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu weChampions League, eLoftus Stadium, ePitoli.
Lokhu bekuchaza ukuthi bashaywe ngo 2-0 uma sekuhlanganiswa imilenze emibili. ISundowns ishaywe ngo 1-0 ekuhambeni emlenzeni wokuqala eTunisia.
Nokho izindaba ezinhle ezokuthi leli qembu laseChloorkop lizodlala kwiClub World Cup ngoJuni.
Lokhu kuqinisekiswe yiFifa ngesikhathi iveza amaqembu azoyibamba kulo mqhudelwano.
Ukuyodlala kwiClub World Cup kusho ukuthi iSundowns izothola u-R1billion ngoba yingxenye yalo mqhudelwano.
Akungabazeki ukuthi lezi yizindaba ezinhle kuRulani Mokwena yize inhliziyo yakhe isaqaqamba ngokushwa kwiChampions League.
Ukushaywa kweSundowns kusho ukupheka kwephupho lokuwina izindebe ezine kule sizini.
ISundowns ivele izoyinqoba iDStv Premiership njengoba seyidinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukuze iqukule isicoco. Isalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili.
FUNDA NALA: Akuhambanga kahle, iSundowns iphinde yafukamela iguncu
Enye indebe enethuba lokuyinqoba yiNedbank Cup lapho izobhekana neStellenbosch FC kowandulela owamanqamu. Ivele inayo indebe njengoba inqobe i-African Football League.

