EzakamuvaiDStv Premiership

Usuthu lushwebise iChippa seyithembile

AmaZulu FC ayijikele esiswini njengotshwala iChippa United, eyiphuca iphuzu isiliphethe ngesandla ibheke esangweni eMoses Mabhida Stadium ngoMqgibelo ntambama.

IChippa iwuqale kahle lo mdlalo weDStv Premiership ngesikhathi uSinoxolo Kwayiba eyibeka phambili ngomzuzu wesikhombisa kulandela ukubhacaza kwezitobha zoSuthu.

Zimshiye yedwa lo mdlali osefomini enhle ebhokisini, wahlangana nebhola ebelibuya kunozinti uVeli Mothwa, walinamathisela enethini. 

Kuze kwayiwa ekhefini kuyizo ezikaSiviwe Mpengesi ezihamba phambili, kodwa kucaca ukuthi Usuthu kuyagoloza ukushayelwa ekhaya. 

Lugcine lubuyile esiwombeni sesibili, uTsepang Moremi eshaya igoli lakhe lokuqala kule sizini.

Naye ushiywe yedwa ebhokisini kade kuyikhona, waqethuka walinamathisela enethini.

Bekumele uJunior Dion alubeke phambili Usuthu emizuzwini embalwa ukusuka lapho, kodwa wangqofa into ebheke eNiniva eyedwa phambi kwepali. 

UPule Ekstein yena ube neshwa ibhola lakhe lizishayisa epalini selimehlulile uStanley Nwabali obesezintini zeChippa.

Ngemuva kwalezi ziqubu, iChippa ibonile ukuthi isisengozini yokuwashiya wonke amaphuzu eThekwini, yajika ukwenza yalilwela yaze yagcina iphume nalo elilodwa. 

Kodwa kunqabile ukwenza, AmaZulu abekelwe iphenathi sekusele amanenjana umdlalo uphele, u-Ekstein wayinamathisela enethini.