EzakamuvaIbhola

Ixegiselekile iBafana kuqhathwa awe-Afcon e-Ivory Coast

IBafana Bafana ibe senhlanhleni ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala kwiCaf Africa Cup of Nations ngoLwesine kusihlwa. 

I-Afcon elandelayo izodlalelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari kanti ngoLwesine bekuhlonzwa amaqoqo. 

Ngokubheka ubukhali bamaqembu efakwe nawo eqoqweni elilodwa, iBafana ibe senhlanhleni futhi ingakwazi ukudlula kulo. 

IBafana beyisebhodweni lesithathu, abafana bakaHugo Broos bebengazithola benikwa umqansa onzima ekuqaleni komqhudelwano. 

Kodwa njengoba ifakwe eqoqweni elilodwa neTunisia, iMali neNamibia kuGroup E, uma ubheka izibalo zalamaqembu, iBafana inethuba elihle kakhulu lokudlulela esigabeni esilandelayo. 

Nakulokhu, irekhodi leBafana kowamanqamu we-Afcon ibhekene neTunisia neMali, okuyizona ezihamba phambili eqoqweni labo, lihle kakhulu.

ITunisia iyona ehamba phambili eqoqweni leBafana, kanti iBafana inomlando omude wokubhekana neCarthage Eagles kowamanqamu we-Afcon.

Ngo-1996, uMark Williams washaya amagoli amabili iBafana ishaya iTunisia ngo 2-0 kowamanqamu ithatha isicoco se-Afcon. 

Kodwa-ke iTunisia yiyona ehamba phambili ngokuhamba kwesikhathi, ihlula iBafana esigabeni samaqoqo ngo-2006 nango-2008.

IBafana isidlale neMali kabili ngaphambilini kwi-Afcon ngesikhathi isaphekwa nguCarlos Queiroz, yahlulwa kuma-quarterfinals ngo-2002. 

Kulowo mdlalo iMali yayingosokhaya kanti ngokulandelayo la maqembu ehlangene kwaba yiNingizimu Afrika engosokhaya ngo-2013 kuso lesi sigaba. 

Ngaleso sikhathi leli qembu, elalingaphansi kwesandla sikaGordon Igesund, lashaywa sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo wawuphele zibambene ngo 1-1. 

INamibia nayo iyazana neBafana kanti zigcina ukuhlangana kulo mqhudelwano ngo-2019 yakhala ngaphansi, uBongani Zungu eshaya igoli lokuwina. 

FUNDA NALA: UPule uvuleleke ngesehlo esacishe sadlula nempilo yakhe

Ziqhathwe kanje: 

Group A: Ivory Coast, Nigeria, Equatorial Guinea, Guinea-Bissau

Group B: Egypt, Ghana, Cape Verde, Mozambique

Group C: Senegal, Cameroon, Guinea, Gambia

Group D: Algeria, Burkina Faso, Mauritania, Angola

Group E: Tunisia, Mali, South Africa, Namibia

Group F: Morocco, DR Congo, Zambia, Tanzania