EzakamuvaIbhola

Uzosiza iChiefs inqobe izindebe umdlali wayo omusha

IKaizer Chiefs yemukele ngokusemthethweni uLuke Fleurs eqenjini layo kuze kuphele isizini kanti lo mdlali uthi uzele izindebe kuleli qembu.

Lo mdlali wasemuva usanda kushiya iSuperSport, okuqinisekiswe nguGavin Hunt esitatimendeni ngaphambilini. Uke wabonakala eziqeqesha eNaturena ngenyanga edlule.

Ngenxa yokuthi uphume kwiSuperSport ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali, uFleurs usekulungele ukubhaliswa ngokushesha kwiChiefs. 

Usayine inkontileka yeminyaka emibili. NgoLwesine ntambama, Amakhosi enze isimemezelo esisemthethweni ngokusayina kwawo uFleurs oneminyaka engu-23. 

UKaizer Motaung Jr. uzwakalise ukujabula ngokuba nalo mdlali eNaturena, egcizelela ukwaneliseka kweqembu ngokuqinisa ngaye.

“Sijabuke kakhulu ngokujoyinwa uLuke. Lo mfana unekhono elihle futhi ngikholwa wukuthi uzongena khaxa kule ndlela esifuna ukudlala ngayo,” kusho uMotaung Junior. 

“Njengoba enamava okudlala emaqenjini esizwe abafana abasebancane, nakuma-Olympics nje, sikholwa wukuthi uzolisiza kakhulu iqembu.”

UFleurs yena uthe yinto akade ayeyifisa ukuba yingxenye yaleli qembu elingelinye lamakhulu kuleli.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba bekuyisifiso sami esidala ukuba yiGlamour Boy. 

“Kunobumbano oluhle lapha, ngathi siwumndeni. Ngifuna ukugxuma ngihlale emsebenzini wokuzamela iqembu indebe. 

FUNDA NALA: UMokwena uphephethe waphinde waluma ngokuphuka kukaParker

“Yiqembu elikhulu kunawo wonke leli, ngifuna ukulisiza linqobe izindebe,” kusho lo mdlali wasemuva.