BUKA: OweChiefs ‘usecula’ noKing Nuba kaMaskandi
Umculi kaMaskandi odume ngamancoko nezingoma zakhe ezingamahlaya, uKing Nuba ufuna ukungena ngenkani eNaturena.
Lo mculi waqale wazisondeza kwiChiefs ngesikhathi kuthiwa ufana noNjabulo Blom obedlala kuleli qembu kodwa osese-USA manje.
UBlom Udlala kwiSt Luis City kwi-US Major League manje la engomunye wabadlali abaphambili eqenjini
Njengoba engasekho ke uBlom, uKing Nuba usethole enye indlela yokungena kuleli qembu njengoba esecele ukunikwa ithenda kwiKaizer Chiefs.
Uthi ufuna kube nguye kuphela ohambisa abadlali bayo kwaMai-Mai uma beyodla inyama.
Le nsizwa ifake ividiyo yayo idansa nomdlali weChiefs, uNkosingiphile Ngcobo edlubhe imifaniswano yeqembu.
Kule vidiyo badansela ingoma yakhe ekhuluma ngokungalahli ithemba nokuqinisela.
“Wathini? Wathi uhhmm. Wathini? Wathi uhhmm… Akazang’alahl’ithemba,” kucula yena noNgcobo kule video.
FUNDA NALA: OweBay usebheke ukuxina iSwallows, bavike izembe
Uyiphelezele ngombhalo othi: “Lapho iQuantum lami besengilitholele ithnda kwiKaizer Chiefs lokuthutha abadlali uma beyodla inyama kwaMai-Mai.” Buka nansi ividiyo ngezansi: