OweBay usebheke ukuxina iSwallows, bavike izembe
SIHLE NDLOVU
IRichards Bay FC seyibheke ukujoja iMoroka Swallows ibone ukuthi ingayigwema yini imidlalo yokuhlunga, ngokusho kwephini lomqeqeshi uRonnie Gabriel.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye AmaZulu ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ebusuku.
“Besilokhu sisho ukuthi sifuna ukugcina abadlali beyimiqemane ngaphambi kwalo mdlalo,” kusho uGabriel obebambele uVusumuzi Vilakazi oselivini.
“Emidlalweni emine edlule sithole amaphuzu ayisishiyagalolunye kwangu-12 abekhona.
“Kumele sizimisele sidlale, imiphumela izoqhamuka.”
Mayelana nokushaywa kweCape Town Spurs uthe: “Yinto enhle kithina, bekulokhu kukhona emqondweni.
“Sifuna ukufaka ingcindezi kwiMoroka Swallows bese sibone kwenzekani.
“Sizothatha umdlalo ngamunye, imiphumela izoqhamuka.”
ISwallows neBay bashiyana ngamaphuzu amathathu kodwa iZinyoni zinomdlalo ezisazowudlala.
Amaqembu abephuthumana womabili kulo mdlalo kodwa Usuthu obelubukeka luyingozi uma luya phambili.
Ukucindezela kwaMaZulu kugcine kube nomphumela omuhle ngomzuzu ka-36 ngesikhathi u-Augustine Mulenga eshaya igoli.
Lokhu kufake enkulu ingcindezi eqenjini lasekhaya obekumele linqobe nakanjani njengoba libalekela izembe.
Ngesiwombe sesibili umqeqeshi weNatal Rich Boyz, uRonnie Gabriel, wenze ushintsho.
Kubadlali abafakile bekukhona uJustice Figareido, ongowokudabuka Eswatini.
Lo mdlali ukhulule ibhentshi leBay ngesikhathi eshaya igoli ngomzuzu ka-67.
Nokho okuhlalukile ukuthi iBay iyehluleka ukuqedela amathuba phambili, yize udlala kahle.
Bese kubonakala sengathi umdlalo uzophela ngo 1-1 kodwa waqhamuka uSanele Barns washaya igoli leBay ngomzuzu ka-86.
Njengamanje iBay ihlukaniswe amaphuzu ayisishiyagalombili neCape Town Spurs eyibambe emsileni kwilogi yeDStv Premiership.
I-Urban Warriors ibukeka izobuyela kwiMotsepe Foundation Championship njengoba sekusele imidlalo emine kusongwe isizini.
FUNDA NALA: Ngabe Usuthu lunozwelo ngeBay? UMartin uyaphendula
Ezika-Ernst Middendorp zishaywe yiPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoLwesibili ebusuku.