EzakamuvaIbhola

UBarnes ufuna ukuyishiya ime kahle iBay

USanele Barnes weRichards Bay FC uyinjini yaleli qembu laseMhlathuze, okuyiyona ezolenza lihlale lapho kunoju khona – kwiDStv Premiership.

Lo mdlali umbona ngisho ebamba ibhola ukuthi uyizwa ngaphakathi into ayenzayo kwiNatal Rich Boyz.

UBarnes ushaye igoli lokunqoba ngesikhathi iBay iqoqa amaphuzu amathathu, ishaya AmaZulu FC ngo 2-1 koweDStv Premiership ngoLwesibili.

Kulo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uqokwe njengoshaye into ecokeme kakhulu kunabo bonke abadlali.

Ngemuva komdlalo uBarnes uthe yena ungumuntu olibamba ngazo zombili ithuba alinikwayo empilweni.

“Ngibonga ukunikwa ithuba lokuzibonakalisa kwiRichards Bay. Ngibonga nosihlalo uJomo Biyela ngethuba,” kusho uBarnes.

“KumaTuks (i-University of Pretoria) bengisebenza kanzima. Njengoba ngilapha eThekwini ngiyaqhubeka nokuzimisela.

“Siyabonga kubalandeli ngokuhlale bephuma ngobuningi babo ukuzoseseka.

“Ngiyajabula ukuthi namuhla sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu abalulekile ukuze sijabulise abalandeli bethu.”

IBay asemancane amathuba okuthi ingadliwa yizembe iqonde ngqo kwiMotsepe Foundation Championship, njengoba neCape Town Spurs ishaywe yiPolokwane City ngo 1-0 ngoLwesibili.

EzikaVusumuzi “Kanu” Vilakazi sezivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalombili phakathi kwazo nezika-Ernst Middendorp, ezibukeka zibuyela lapho bezisuka khona (kwiChampionship) ngesizini ezayo.

INatal Rich Boyz isivale igebe phakathi kwayo neMoroka Swallows, engenhla kwayo, laba amaphuzu amathathu kuphela.

Lokhu kuyibeka ethubeni elihle lokugwema ukudlala imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini, uma igcina izeqile iZinyoni.