Akakhathazekile ngomsebenzi wakhe uTinkler ozulelwa amanqe
Ngemuva komdlalo wabo ka-11 bengawini, umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler uthe ugxile kuphela kulokho akwazi ukukulawula.
Uthi akakhathazekile ngomsebenzini wakhe obukeka usengcupheni uma izinto ziqhubeka ngendlela ezihamba ngayo.
ICity ihlulwe ngo 2-0 yi-Orlando Pirates ngoLwesithathu, kanti ayikawini nodowa umdlalo kusukela kuqale unyaka.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi yena nosihlalo uJohn Comitis baxoxile yini ngokuvikeleka komsebenzi wakhe, uTinkler uthe le ngxoxo sebenesikhathi eside beba nayo, kodwa yena uzikhathaza ‘ngezinto akwazi ukuzilawula’.
“Sesiside isikhathi sixoxa ngalokhu,” kuphendula uTinkler esithangamini sabezindaba sangemuva komdlalo.
“Sesiside isikhathi sixoxa ngalokho. Bekungelona leli sonto eledlule… Sibe nale ngxoxo isikhathi eside.
“Lalela, ngidinga ukukhathazeka ngezinto ezilawulekayo – engingakwazi ukuzilawula.
“Njengamanje ngiphethe, ngiyaqhubeka nokuphatha. Lokho yingxenye engeyinhle yokuba ngumqeqeshi.
“Uma imiphumela ingafvumi, icala liza kuwena, uyazi, ukusola abadlali akunaphutha, kuwela kumqeqeshi.
“Angikwazi ukukhathazeka ngokuza kwezembe. Ngoba vele lona liyeza. Kodwa ngizokushiyela kuwena ukukhathazeka.”
FUNDA NALA: Kuthusile ukusala kukaBavuma kweleNdebe yoMhlaba
ICity izoze ibuyele enkundleni ngoLwesibili lukaMeyi 7 uma seyiyobhekana neMoroka Swallows ekhaya.