Kuthusile ukusala kukaBavuma kweleNdebe yoMhlaba
Kugqame ukusala ngaphandle kukaTemba Bavuma ngesikhathi kumenyezelwa isikwati samaProteas esizoyibamba kwiNdebe yoMhlaba yeT20, eWest Indies nase-USA, nonyaka.
UBavuma vele azimvumi kahle izinto kwiT20, kanti ungcono kakhulu kweyosuku olulodwa neyeTest, lapho engukaputeni khona.
Abanye abadlali abasale ngaphandle uFaf du Plessis noLungi Ngidi. Nokho uNgidi ungomunye wabadlali okucushwe ngabo.
Lokhu kuchaza ukuthi uyedwa kuphela umdlali omnyama okhona kulesi sikwati, uKagiso Rabada.
Abadlali abazobe beqala ukugqoka imibala yamaProteas, uRyan Rickelton no-Ottniel Baartman.
“Ngifisa ukubongela abadlali ababili abasha, uRyan no-Ottniel, ngokukhethwa kwabo,” kusho umqeqeshi uRob Walters.
“Sesibone ukudlala okuhle kubadlali bethu ngo-2024, nokwenze umsebenzi waba nzima (wokuqoka isikwati).
“Ngiyaziqhenya futhi nginethemba lokuthi simemezele isikwati esiqinile, esingaphumelela eWest Indies nase-USA.”
AmaProteas aseqoqweni uGroup D lapho eqhathwe khona neBangladesh, yiNepal, yiNetherlands neSri Lanka.
Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20 izoqala ngoJuni 1 isongwe ngoJuni 29.
FUNDA NALA: IChiefs kambe ingayigila yini iSundowns
Isikwati samaProteas: Aiden Markram (ukaputeni), Ottniel Baartman, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, David Miller, Anrich Nortje, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs.
Abacuphile: Nandre Burger and Lungi Ngidi.