Ezakamuva

OweFUSA ugxeka iSpurs egoloza nabasayine kwiChiefs noSuthu

SIHLE NGUBO

Unobhala jikelele weFootballer’s Union of South Africa (FUSA), uTaelo Motloung, ugxeka isenzo seCape Town Spurs engafuni ukudedela abadlali yize seyehlele kwi-ABC Motsepe League.

Leli qembu beligijima kwiMotsepe Foundation Championship kodwa ladliwa yizembe ekupheleni kwesizini edlule.

ISpurs ishaya phansi ngonyawo ithi abayi ndawo abadlali abasayiniswe yiKaizer Chiefs, u-Asanele Velebayi noLuke Baartman, nomunye okhonjwa kuMaZulu FC uLiam Bern.

Ngokomthetho laba badlali banelungelo lokusayinisa emaqenjini abawathandayo ngoba leli qembu laseKapa selidlala esigabeni sama-amesha.

Nokho abaphathi balo sebefake udaba enkantolo ngoba bethi abenziwanga ubulungiswa ekusayinisweni kwabo yiChiefs noSuthu.

“Into esikhathazayo ukunakekeleka kwabadlali abasebancane abambakanyekayo kulokhu,” kusho isitatimende seSpurs.

“Laba abadlali, ababukeka benekusasa, ngaphandle nje kwekhono labo enkundleni, basakhula futhi kungenzeka ukuthi abanawo amava okubhekana nalezi zinto zokusayiniswa kwabadlali.

“Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi kungenzeka bafakwe ehlathini noma baluthiwe ndlela thize ukuthatha isinqumo ezingaba nomthelela.”

UMotloung uthe akumele ngabe kwenzeka konke lokhu, ngesikhathi ekhuluma ne-KickOff.

“Uma iqembu lidliwa yizembe liyositha kwi-ABC Motsepe League, izinkontileka zeqembu nabadlali kuyaphela ngazo,” kusho uMotloung.

“Inkontileka isuke ingasasho lutho ngoba iqembu lisuke selikwi-ABC Motsepe League, okuyisigaba sama-amesha.

“Siyazi sonke ukuthi abadlali abaholelwa esigabeni sama-amesha, ngakho lokhu kwenza inkontileka phakathi kweqembu nomdlali inqamuke.”

ISafa kuzomele isheshe ingenelele kulolu daba ngoba i-ABC Motsepe League ingaphansi kwayo futhi iyona eyilawulayo.