EzakamuvaiDStv Premiership

IPirates ehlazweni ihluleka ukutomula amaphuzu kwi-ATM yeligi

Mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi i-Orlando Pirates ivele iliphose ithawula embangweni wesicoco seDStv Premiership njengoba ihluleka ukuqoqa amaphuzu. 

IPirates ingene ehlazweni iba yiqembu lokuqala kulesi sigaba ukushaywa womakoti beligi, iCape Town Spurs eyishaye ngo 2-1 ngoLwesithathu kusihlwa. 

ISpurs beyisifana nomshini la wonke amaqembu ezitomulela khona amaphuzu njengoba beyihlulwe kuyo yonke imidlalo ebisayidalile. 

KOdwa ithe iyatomula nePirates, yathola ukuthi umshini awusenawo amaphuzu, kwadingeka yona inikele ngawayo. 

Bese kungumdlalo wesine kwiligi iPirates ingawatholi amaphuzu aphelele, kanti ukuhlulwa kuyenze yasalela emuva kakhulu kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili. 

IBucs yilona qembu ebelibhekiwe ukuthi linikeze iSundowns inselelo kwiligi kule sizini kwazis eyenze kahle ngesizini edlule. 

Kodwa izinto ziyabhimba, futhi ngathi kuba kubi kakhulu kunokuthi kube ngcono kwiligi. 

Ithe ihlasela ngokuzumisa iSpurs ngomzuzu wesithathu, yalithola ngampela igoli elivalelwe enethini uLubeni Haukongo. 

Kuthe iPirates iyaqala ukubona ukuthi nakhu kushuba, waqhamuka uJarrod Moroole washaya elesibili elenze yabona iPirates ukuthi kuzosetshenzwa lapha. 

U-Ashley Cupido ube nethuba elihle lokushaya igoli lesithathu, kodwa wathi ulikhipha ngaphansi kukaMelusi Buthelezi, wahluleka, walivimba lo nozinti. 

Emizuzwini embalwa ukusuka lapho, u-Evidence Makgopa utholele iPirates igoli lokuyibuyisela emdlalweni. 

FUNDA NALA: NamaProteas aseyenze njalo iNew Zealand evulela isibhaxu

Kuyiwe ekhefini sekungu 2-1. Isiwombe sesibili bese kungesePirates, kuyiyo elawula umdlalo kodwa ifice kugqojiwe emuva kwiSpurs.