AmaZulu ayafana nomuntu okha amanzi ngebhakede elivuzayo
Sihle Ngubo
Izinto azibukeki zihlangana eqenjini laseThekwini AmaZulu FC, njengoba lisahluleka ukubona ukuthi amapali agxunyekwe ngakuphi selokhu kuqale isizini yeDStv Premiership.
Usuthu seludlale imizuzu engaphezu kuka-360 ngaphandle kokushaya igoli emidlalweni yeligi.
Kule midlalo emine edlalwe AmaZulu, adlale ngokulingana emithathu ase eshaywa kowodwa.
NgoMgqibelo AmaZulu athole isibhaxu sika 3-0 sivela kwiKaizer Chiefs eFNB Stadium.
Amagoli eChiefs ashaywe uPule Mmodi amabili, kwathi elokugcina leza no-Edson Castello, ovele wayonkonkoshela izibukeli ngemuva kokulishaya.
Ngaphambi kokuqala kwesizini Usuthu luchithe inqwaba yabadlali okubalwa kubona ‘nomadakwana’ uGabadinho Mhango noDumisani Zuma.
Bobabili laba badlali bebewashaya amagoli ngesizini edlule kodwa ukuthanda kwabo utshwala kwenza ukuthi bakhonjwe abafika ngayo.
Nokho kumele ukuthi Usuthu luyabakhumbula omadakwane njengoba lungayazi inethi emidlalweni emine yeligi.
UBonginkosi Ntuli ubukeka ebuthuntu phambili futhi iyakhula ingcindezi kuyena njengoba AmaZulu ehlulwa amagoli.
Ingcindezi akungabazeki ukuthi iyakhula nakumengameli weqembu uSandile Zungu othathe izinqumo ezijulile ngabadlali nethimba labaqeqeshi ngesikhathi kuphela isizini edlule.
AmaZulu yiwona wodwa angakalishayi igoli kule sizini entsha. Nokho okuqinisa idolo wukuthi leli qembu lidlala kahle.
Nasemdlalweni walo neChiefs yilo ebeliwuphethe umdlalo, futhi liyihlanganisa kahle iminyakazo kwayikho ke nje ukuthi ipali abaliboniswa.
Mhlawumbe angaziduduza ngokuthi ayikhali induku kuwona njengoba kwenzeka kwiCape Town Spurs ecijwa uShaun Bartlett.
Leli qembu laseKapa alikawini nowodwa umdlalo selokhu linyukele kwiDStv Premiership.
FUNDA NALA:Â UPapi Zothwane waduba ibhola egilwa yiSundowns
Lisashaye igoli lalinye ngesikhathi lidliwa yiPolokwane City ngo 3-1. goLwesihlanu iSpurs ishaywe yiChippa United ngo 1-0.