Ngabe oweBay uzozisola ngokungayi kwiChiefs?
SIHLE NGUBO
USalim Magoola, ovimbela iRichards Bay FC, uzithola engekho ngisho ebhentshini emidlalweni yakamuva yaleli qembu laseMhlathuze.
Lo nozinti odabuka e-Uganda kuke kwavela ukuthi ubegaqelwe amaqembu amaningi ePremiership njengoba ebenza kahle ngesizini edlule. Kula maqembu kubalwa neKaizer Chiefs obekwaziwa vele ukuthi ibithungatha unozinti ngasekupheleni kwesizini.
Ngaleso sikhathi bekuvele kusolisa ukuthi iChiefs ngeke imnike inkontileka entsha u-Itumeleng Khune ngakho ubedingeka unozinti obezoncintisana noBruce Bvuma benoBrandon Petersen.
Nokho uMagoola unqume ukuvuselela inkontileka neNatal Rich Boyz. IChiefs igcine ilande uFiacre Ntwari kwiTS Galaxy kodwa njengamanje azimhambeli kahle izinto kuMakhosi lo nozinti.
UMagoola uyidlalile imidlalo emibili yokuqala yeBetway Premiership kodwa manje uselizwa ngendaba ijezi. Sekuvimba u-Ian Otieno kanti ebhentshini kusuke kukhona uPhilasande Manqele.
Umqeqeshi weBay, uBrandon Truter, uke wabuzwa ngokungadlali kukaMagoola muva nje, wachaza ngendlela yakhe.
“Kunenselelo ukuhlela iqembu, kunezinto ezithile okumele sizame ukuqhela kuzona ngenxa yesimo iqembu elike lazithola likusona – ngokuvika izembe,” kusho uTruter.
“Ngeke senze izinto ezifanayo njalo bese silindele imiphumela ehlukile. Abanye abadlali sebejwayele ukwenza izinto ngendlela ethile.”
Le ncazelo kaTruter ayicacisi kahle ukuthi uqondeni kodwa okuhlalukayo ukuthi uMagoola angase ezithole ebuka imidlalo yeqembu nezihlwele isizini yonke.
Isimo seChiefs sikhombisa ukuthi ingafuna ukuthola omunye unozinti uma kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari. Nokho ngeke kusaba lula ukusayinisa uMagoola ngoba ivele inabadlali bangaphandle abaningi.
Ngaphezu kwalokho iChiefs kubhekeke ukuthi isayinise umgadli ngoJanuwari, kanti maningi amathuba okuthi kube owangaphandle. Kulesi simo kungamele ibolekise uChristian Saile noma uDitlhokwe.
Okubukeka kwenzeka njengamanje kuMagoola kufanele ukuthi kuhambisana nokuzisola ngokukhetha ukuhlala kwiBay, ngoba akhona amanye amaqembu ePremiership abemataniswa naye, njengeSuperSport United.