EzakamuvaiDStv Premiership

UMabasa uveza okumenza abhakuzise inethi mawala

Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, uthi ufuna ukuqhubeka nokuhlohla amagoli kuze kuphele isizini.

Lo mgadli ushubise umbango womgadli ozoqeda enamagoli amaningi kule sizini, kulandela ukuhlohla amagoli amabili bebhekene neCape Town City.

Kulo mdlalo weDStv Premiership ophele ngo 2-0, eDHL Cape Town Stadium, ngoLwesithathu ntambama, iPirates ivele yavuka indlobane ngesiwombe sesibili.

“Bekuyizinsuku ezinzima ezedlule kodwa besifuna ukusebenzisa wonke amathuba esiwakhayo,” kusho uMabasa oqokwe njengomdlali ovelele.

“Ngiwumgadli futhi kumele ngigxekwe uma ngingawashayi amagoli. Uma ngithola amathuba amathathu ngifuna ukuwabeka enethini wonke.

“Siyiqembu elikhulu kumele sidlale kwiCaf Champions League wonke amasizini.

“Sizoqhubeka nokuzama sithole amaphuzu amathathu lapho kuvuma khona.”

Okugqamile kulo mdlalo ukuthi bekukhala isicathulo zisuka nje.

Lokhu kuholele ekutheni uKeanu Cupido weCitizens, akhishwe ngesiwombe sokuqala kulandela ukudlaliswa kabi uMiguel Timm.

Naye uTimm uwutholile ushukela uvela kuJaeden Rhodes, othole ikhadi eliphuzi, ngesiwombe sesibili kodwa wakwazi ukuqhubeka nomdlalo.

Ngomzuzu ka-59 ligcine liqhamukile igoli kanti lize noTshegofatso Mabasa, yahamba phambili iBucs.

Lo mgadli ubeseshaya igoli lakhe lika-12 kule sizini, nobekuchaza ukuthi ubesesele ngegoli elilodwa ku-Iqraam Rayners okuqale usuku enangu-13.

Nokho ubengakaqedi uMabasa njengoba ebuyile ngomzuzu ka-73 washaya igoli lesibili leBucs. 

Emdlalweni wangoLwesithathu uRayners uphinde washaya igoli okuchaza ukuthi usezihola phambili ngamagoli angu-14.

Lokhu kuwina kwePirates kuyinyusele endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership, ngaphambi komdlalo weStellenbosch FC neLamontville Golden Arrows, ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama.

IStellies inqobe lo mdlalo ngo 3-0, iPirates yabuyela endaweni yesithathu.

IStellies inamaphuzu angu-49 manje, kanti iPirates inangu-46.

Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana neChippa United kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

IChilli Boys ishaywe yiMoroka Swallows ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup, kuzotholana phezulu iStellenbosch FC neMamelodi Sundowns eKapa, ngeSonto ntambama.