EzakamuvaIbhola

IVIDIYO: Ukhihle isililo uJessica iBucs ivulela induku

Ukuhlulwa yizimbangi i-Orlando Pirates akuzange kube buhlungu kubadlali nabaqeqeshi beKaizer Chiefs nje kuphela, kodwa kuzwele nakubaphathi beqembu – ikakhulukazi uJessica Motaung.

UMqondisi wezokuMaketha kuMakhosi, uJessica Motaung udedele izinyembezi esidlangalaleni ngemuva kwalo mdlalo obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.  

Yize iChiefs ibizihola phambili kwaze kwaba kabili kulo mdlalo, iPirates ikwazile ukulwela ukubuya yaze yagcina inqobe ngo 3-2.

IChiefs beyiye kulo mdlalo inokuzethemba ngemuva kokunqoba ngo 1-0 ibhekene neGolden Arrows phakathi nesonto. 

Ngakolunye uhlangothi iPirates yona ibambene ngo 1-1 neCape Town Spurs futhi yadlala ngendlela elahlisa ithemba.

U-Ashley Du Preez ushaye igoli lokuqala ngemuva kokugqashula ezitobheni zePirates ngomzuzu wesithupha. 

Nokho iPirates ishaye igoli ngemuva kwemizuzu engu-18 uMonnapule Saleng eshiya uBruce Bvuma enwebekile kodwa ibhola layoqabula inethi. 

Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, ama-Glamour Boys aphinde athola igoli ngesikhathi uDu Preez ekuphinda lokho. 

Okudabukisayo kubalandeli beChiefs ukuthi iPirates iphinde yabuya ngomzuzu ka-57 ngesikhathi uThabiso Lebitso eshaya elihle igoli.

Kube sekubuya uSaleng eqinisekisa ukuthi ubuhlungu buya bugcwele eNaturena, nokuyilapho ke uJessica evele wazidedela izinyembezi.

Lokhu kubaphathe kabi abanye abalandeli njengoba uJessica ubegodle nengane encane okungaziwa ke nokho ukuthi ngekabani. 

Kukhona ke nabathe lezi yizinyembezi zengwenya nje, zokwenza abalandeli babone sengathi kuyazwela nakubo ekubeni bengenandaba.

Phela bekungokokuqala kubonakala isikhulu seqembu sikhala esidlangalaleni ebholeni lakuleli. 

Abalandeli bePirates bona bancome uJose Riveiro bethi waqala ngokushaya iSundowns qede kwahlukaniswa umbimbi lwabaqeqeshi njengoba manje esekhalisa noJessica nje.

Buka nansi ividiyo kaJessica Motaung ekhala la ngezansi: