Ngabe yiChiefs ezoqeda ukuzenzela kweSundowns
IKaizer Chiefs izabalazela ukuzinza kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership kodwa inethuba lokona umcimbi weMamelodi Sundowns ngoLwesine ebusuku.
Abafana Ba’Style bazoba ngompetha beligi ngokusemthethweni, okwesikhombisa kulandelana uma beshaya Amakhosi eFNB Stadium, ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku.
Leli qembu laseChloorkop alikashaywa emidlalweni yeligi kule sizini. Selidlale imidlalo engu-23, lanqoba engu-18, lase lidlala ngokulingana kwemihlanu.
IChiefs isanqobe uhhafu wemidlalo enqotshwe yiSundowns (eyisishiyagalolunye) yize seyidlale imidlalo engu-25.
Emdlalweni wokugcina iChiefs ishaye iSuperSport United ngo 2-1 kanti ibinganikwe lutho kulo mdlalo.
Ibiphuma ekushayweni imidlalo emithathu ilandelana, ngakho bekungabukeki inganqoba kuleli qembu lasePitoli.
Ngasohlangothini lweSundowns igcine ibhaxabule iTS Galaxy ngo 3-0 emdlalweni ophethe ngezinkulumo ezijulile kubaqeqeshi, uRulani Mokwena noSead Ramovic.
Njengoba iChiefs izokwamukela elinye iqembu lasePitoli ngoLwesine ebusuku, inethuba lokushaya amaqembu asePitoli kabili kulandelana, nokuba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns kule sizini.
Ngesizini ka-2020/2021, iChiefs yilona lodwa iqembu elakwazi ukushaya iSundowns emidlalweni yeligi.
Kulowo mdlalo yayishaya ngo 2-1 eLoftus Stadium, ngo-Ephreli ka-2021.
ISundowns inethuba lokuhlangana neChiefs isivele ingompetha beligi uma iStellenbosch FC ishaywa yiLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu koweligi.
FUNDA NALA: UBarnes ufuna ukuyishiya ime kahle iBay
Ngabe ingakuphinda lokho iChiefs, yize izoya kulo mdlalo kubhekwe ukuthi ishaywe?