EzakamuvaiDStv Premiership

UThembinkosi Lorch uphawula ngokunqoba iligi okokuqala

Isihlabani seMamelodi Sundowns, uThembinkosi Lorch, okuqale isizini edlala kwi-Orlando Pirates, usephawule ngokudla isicoco sakhe sokuqala seDStv Premiership.

UThembinkosi Lorch ushaye igoli ngesikhathi iSundowns iguqisa iKaizer Chiefs ngo 5-1 ngoLwesine ebusuku ukuze iqinisekise ukunqoba kwayo lesi sicoco.

ISundowns ayikaze ihlulwe emidlalweni yeligi kule sizini njengoba isidle isicoco kusasele imidlalo eyisithupha.

ULorch uveze ukuthi lesi yisikhathi abekade esifisa ngesikhathi ejoyina iMamelodi Sundowns.

“Ngangazi ngesikhathi ngifika lapha ukuthi into yokuqala wukunqoba iligi. 

“Sengizinqobile ezinye izindebe, kodwa angikaze ngiyiwine iligi. Ngijabule futhi ngilibonga kakhulu ithuba,” kusho uThembinkosi Lorch kwiSundowns TV.

Imibono yabalandeli ihlukene phakathi ngoLorch kusukela eshintshele kwiSundowns.

Nokho umqeqeshi wakhe, uRulani Mokwena ukholwa wukuthi uThembinkosi Lorch ungumdlali omqoka eqenjini lakhe.

“Uselungile manje, usengenile (egiyeni leSundowns), ngimbona egunjini lokushintshela,” kusho uMokwena kwiSuperSport.

“Ziningi izinto, uqhamuka eqenjini la ebengomunye wabadlali abamqoka ngenxa yesibalo seminyaka ayihlale kulo.

“Ngakho egunjini lokushintshela (elisha) kumele aqale kabusha, azakhele igama. 

“Ngakho-ke ungena egunjini lokushintshela leSundowns, unomlando negama, kodwa kufanele azibonakalise kabusha… 

“Futhi vele uLorch ungumuntu ozazisayo. Ngiyakwazi lokho ngoba ngisebenzile naye phambilini, futhi ngiyazi uma esezinzile nalapho engakazinzi.

“Ngakho-ke lapho efika ngabona, ngibheka indlela aziphatha ngayo, ngibheke, futhi manje ngibona kancane ukuthi nomdlandla usukhona… 

“Futhi yilokho ebengikulindele, futhi awukwazi ukukujaha lokho.

“Leyo yindalo, ithatha lokho futhi kuyafana noTashreeq, kuyafana no-Esquivel.

“Izinto ezincane futhi uyabona ukuthi usebenzisana kanjani nabadala kunaye eqenjini. 

“Manje uyabona ukuthi sebeyamethemba, bayamamukela eqenjini.”