EzakamuvaIbhola

Amaphoyisa ashaye is’khala ‘ngebhomu’ eLoftus

Inkinga yokuxhumana nokuthuka kumlisa obanjwe etshala ‘ibhomu’ eLoftus Stadium ngeSonto yikho okususe umsindo ongenasidingo. 

Impempe ibike ngeSonto ukuthi kunomlisa obanjwe etshala ibhomu kule nkundla obekudlalwa kuyo umdlalo wamanqamu we-African Football League. 

Nokho ezingena kamuva zithi bekungelona ibhomu, kodwa ubefala umshini okhuthaza iziklwibhisi (fireworks) ezikhanyiswa ngemuva komdlalo. 

Le nsizwa ebifaka lo mshini ibonwe ngabalandeli, babona lokhu ebikuphethe kufana nebhomu base bebiza amaphoyisa. 

“Ngokuthi akuyena owakuleli, cishe kube nalelo xhala namaphoyisa awabe esabuzisisa kahle, abele amthatha ayombopha. 

“Enye inkinga kube wukuthi njengoba kungowale enhla ne-Afrika, nesiNgisi sakhe asisihle kahle ngakho ukuchaza akubanga lula. 

“Kodwa indaba igcine ilungisiwe ngoba kuze kwalandwa uchwepheshe wamabhomu, wafike wacacisa ukuthi akulona. 

“Kube yisehlakalo esiyishwa nje,” kusho omunye obesebenza kulo mqhudelwano ocele ukuba angaveza ngoba akagunyaziwe ukukhuluma kwabezindaba. 

Le nsizwa ebanjiwe beyigaje imvume ekhombisayo ukuthi isebenza kwiCaf futhi igunyaziwe ukungena enkundleni izosebenza. 

Ngemuva kokubonakala kwayo, nokuboshwa kwayo, indaba yayo ingcwale izinkundla zokuxhumana. 

Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf, beyingakasho lutho ngalesi sigameko esicishe sadunga umcimbi weMamelodi Sundowns. 

Leli qembu laseTshwane likhombise ubungqwele balo lishaya iWydad Athletic yaseMorocco ngo 2-0 ukunqoba le ndebe. 

FUNDA NALA: UJohnson nombono ngokungenza idabhi ihlabahlose

Nokhulumela amaphoyisa asePitori, uLt. Colonel Thaver ukuqinisekisile esitatimendeni ukuthi bekungekho bhomu.