EzakamuvaIbhola

Nengomasha: Siyafa yindlala ngenxa yesinqumo seFifa

UTinashe Washington Nengomasha, owayengumdlali weKaizer Chiefs useveze ukukhathazeka kwakhe ngendlala ebhuqa abadlali bangakubo eZimbabwe. 

Uthi le ndlala idaleke ngenxa yesinqumo senhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa. 

Le nhlangano yakhipha isinqumo esiyinkinga kubadlali baseZimbabwe sokuthi bangasayini emaqenjini akwamanye amazwe.

“Lokho sekudalele abadlali bethu indlala eyinqaba,” kusho uTinashe Nengomasha engxoxweni ekhethekile neMpempe. 

“Abadlali bebephila ngokuyodlala kumaligi amakhulu e-Europe nase-Africa. 

“Angiyiphathi eyezinhloli ebeziphithizela eZimbabwe zithungatha ikhono, azisabonwa nangokhalo mfowethu. 

“Kumuncu kabi. Ngisho izimenenja zabadlali zisenkingeni ngoba akukho mnyango ovuliwe wokuhwebelana ngabadlali,” kuqhuba uTinashe Nengomasha.

Uthe namaqembu esigaba esikhokhelayo kuleli zwe elingomakhelwane neNingizimu Afrika aseyazwela ngalokhu. 

“Namaqembu akhona ashayekile kakhulu ngoba abekho abadlali abathengiswayo kumuncu nje.

“Nginethemba nokho mfowethu ukuthi kuzolunga noma ngingazi kobe kunini njengoba kumnyama kunakuqala eZimbabwe ebholeni lakhona.”

UTinashe Nengomasha wayebamba isisu siqine, kuthule umoya kwiChiefs ngezikhathi zakhe. 

Uyakholelwa ekutheni bakhona abadlali abangathatha indawo ayishiyayo kwiChiefs khona le eZimbabwe.

Ebuzwa ukuthi bunjani ubudlelwano bakhe neChiefs, uthe buhle futhi basaxhumana noBobby Motaung oyimenenja. 

Uthe noGerald Sibeko abebedlala naye oseyisikhulu kwiChiefs basezwana naye ngokunjalo no-Arthur Zwane osengumqeqeshi.

Khonamanjalo, uTinashe Nengomasha uphinde waveza ukuthi abadlali baseZimbabwe badlala ibhola elisezingeni eliphezulu ekhaya. 

“Izinga abalehlisile yize bazi ukuthi amathuba okuyodlala ngaphandle, basebenze imali ebhekile awekho okwamanje.” 

FUNDA NALA: UTso Vilakazi ucebisa uKhanyisa Mayo ngokumele alijoyine

IZimbabwe yamiswa ebholeni lomhlaba kulandela isiphithithi sokuhlaselwa konompempe ababedlalisa umdlalo weqembu lesizwe khona. 

IFifa ayisazibekezeleli izenzo ezinjalo ngoba zibeka izimpilo zabantu engcupheni.