EzakamuvaiNedbank Cup

Kukhonye iDowns emdlalweni obunezigigaba ezingajwayelekile

YiMamelodi Sundowns. Lena yimpendulo yombuzo ovele ngoMgqibelo wokuthi yiliphi iqembu elizogadulisana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup.

IPirates izibekisele indawo kulo mdlalo ozoba seMbombela Stadium noJuni 1 ngokushaya iChippa United ngoMgqibelo. 

ISundowns ibe seyiyilandela ngokudlula kunzima kwiStellenbsch FC, inqoba ngo 2-1 ngeSonto ntambama. 

Umdlalo ube nezigigaba ezimangazayo kungakapheli ngisho imizuzu engu-30 uqalile.

Lo mdlalo owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup useDanie Craven Stadium ngeSonto ntambama. 

Kugcine kube amagoli kaKhuliso Mudau noThembinkosi Lorch, nelokubika ekhaya likaRicardo Palace anqume umphumela womdlalo. 

Isigigaba sokuqala senzeke ngesikhathi iSundowns ikhipha uDevine Lunga obesengcupheni yekhadi lesibili eliphuzi.

Leli khadi belizosho ukuthi kumele aphume ngelibomvu. Kodwa ube nenhlanhla ukuthi umsizini kanompempe, uZakhele Siwela aklunyukelwe wumsipha.

Unompempe, uJelly Chavani ulibale wukuyosiza uzakwabo, kwathi kusalashwa uSiwela iSundowns yenza ushintsho. 

Ukhishiwe uLunga, kwangena uThapelo Morena endaweni yakhe, okusho ukuthi uphunyulile ekhadini lesibili. 

Uthe uqhubeka umdlalo, akwangaphela mizuzu emingaki, uSiwela wacela ukushintshwa ethi akasakwazi ukuqhubeka. 

Bekungokokuqala ke ebholeni lakuleli kushintsha umsizi kanompempe noma unompempe ngenxa yokulimala okuphoqa angakwazi ukuqhubeka nomdlalo. 

Kube sekuqhuneka uChristopher Kestoor obeyi-fourth official nokusebenza kulayini.