EzakamuvaiNedbank Cup

IDowns ike yazama ukuthola u-Adams weStellies

Isikhulu esiphezulu seStellenbosch FC, uRob Benadie, usephahlukile, wakuveza ukuthi nebala iMamelodi Sundowns icathamela omunye wabadlali babo abaphambili. 

Bekuke kwabikwa phambilini ngamahlebezi okuthi iSundowns seyiqalile izidlisa satshanyana kwiStellies, ifuna ukudayiselwa uJayden Adams.

Ngesikhathi ekuveza ukuthi iSundowns iyamfuna lo mdlali oneminyaka engu-23, uBernadie utshele iSABC Sport ukuthi asikho isicelo esisemthethweni esivela kompetha beligi.

U-Adams ube ngumdlali ovelele kwiStellies kule sizini, kanti nguye owayeyihola phambili ngesikhathi idla isicoco seCarling Black Label Cup ngoDisemba. 

Uze wagcina eheha amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana, uHugo Broos obehambe naye ukuya kwiCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari. 

“Iqiniso wukuthi iMamelodi Sundowns ike yabuza ngaye ngewindi likaJanuwari, (futhi) sayazisa ukuthi akadayisi (okwaleso sikhathi),” kuchaza lo mphathi wakwaStellies.

“Azikho ezinye izingxoxo esezenzekile. Ngakho yebo bayamthanda umdlali. 

“Kepha asikho isicelo esibekelwe sona etafuleni (njengamanje) futhi akukho sivumelwano esiphethiwe.”

U-Adams usedlale imidlalo engu-30 kuyona yonke imiqhudelwano kwiStellenbosch, washaya amagoli amathathu. 

Ungomunye wabadlali ababhekiwe ukuthi bayinqumele ogodweni iSundowns njengoba bezobhekana nayo ngeSonto. 

Lamaqembu azobe ebanga ukuyobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup ngoJuni 1 eMbombela Stadium. 

Umdlalo wawo – owandulela owamanqamu – uzoba seDanie Craven Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.