Okusha ngesigwebo sikaLorch ngecala lokushaya intombi
Njabulo Shezi
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch usazophinde alinde isikhashana ngaphambi kokuzwa isigwebo sakhe kulandela ukulahlwa kwakhe yicala lokushaya.
Lokhu kulandela ukuthi ukulalelwa kwesigwebo sakhe eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu kuhlehlisiwe.
Abammeli bakaLorch bacele isikhathi esengeziwe ukuze bazilungiselele kahle ngaphambi kokukhishwa kwesigwebo. Ukulalelwa kwecala manje sekuzokwenzeka ngoSepthemba 4, 2023.
NgoJuni, uLorch watholwa enecala lokushaya owayeyintombi uFundiswa Mathithibala. UMathithibala uvule amacala ngoSepthemba 2020.
ULorch utholwe enecala lokushaya uMathithibala ngempama waphinde wamklinya ngemuva kwengxabano ababa nayo. Le ngxabano yenzeka emzini kaLorch eMidrand, eGoli.
UMathithibala watshela inkantolo ukuthi kwasiza umngani kaLorch owangenelela, wamsiza ukuthi abaleke.
Ngemuva kokuthi uLorch etholwe enecala, okhulumela iNational Prosecuting Authority, uPhindi Mjonondwane, wathi lo mdlali akazange aziveze njengomuntu ozisolayo ngesikhathi kuqhubeka icala.
“Umsolwa ubengalimele okusho ukuthi uyena obehlukumeza. Ummangalelwa nofakazi bakhe abazange bakhombise buhle enkantolo futhi bebengebona ofakazi abathembekile,” kusho uMjonondwane.
UThembinkosi Lorch wahlawuliswa yiqembu lakhe, i-Orlando Pirates. Nokho beyingakamthatheli izinyathelo zokumqondisa izigwegwe ngemuva kwesinqumo senkatolo.
IPirates yathi izobheka imininingwane yesigwebo sakhe ngaphambi kokuthatha isinqumo ngokuthi iyamxosha noma iyammisa.
FUNDA NALA: Kuvela igama loweKaizer Chiefs ecaleni likaSenzo Meyiwa
Leli qembu laphinde lathi uThembinkosi Lorch wahambela abeluleka ngengqondo wenza nezifundo zokulawula ulaka.