Usuthu ‘lukeqa’ izinkunzi zaseSoweto ngoweRoyal AM
Imibiko yakamuva iveza ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bangase baphunyukwe yiqatha selisemlonyeni ngomdlali abamgaqele.
Bekulindeleke ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zibangisane ngokuthi iyiphi ezogcina ithole uSuane Mogaila, kodwa sekunenye imbangi esihamba phambili kulo mbango.
Kubikwa ukuthi AmaZulu FC nawo asengenile kulo mbango wokufuna ukusayina uMogaila ozophelelwa yinkontileka kwiRoyal AM ngoJuni.
ISoccerLaduma ibika ukuthi AmaZulu aseya ngasemaphethelweni esivumelwano sokusayinisa uShaune Mogaila, obemataniswa neChiefs.
Lo mdlali weRoyal AM usedlale imidlalo yeligi engu-15 kule sizini, ngaphambi kokuthi ayekiswe ukujima neqembu elikhulu.
Lokhu bekulandela ukuthi bengavumelananga naye ngokusayina inkontileka entsha, eveza isifiso sokuyozama kwenye indawo.
NjoJanuwari bekusabalele amahlebezi okuthi angase ajoyine iPirates kodwa kuthiwa leli qembu liqoke ukulinda kuze kube uphelelwa yinkontileka ngokugcwele.
Kodwa lokho kungenzeka ukuthi kuibambezelile njengoba Usuthu selithushuke esikhaleni lwabeka into ebhekile etafuleni kubaphathi balo mdlali.
UMogaila unekhono lokudlala ohlangothini ehlasela noma adlale emuva, amake okumenza umdlali onosizo eqenjini akulo.
BUKA: ULifa Gqosha usengene komunye umsebenzi
IPirates iqinise ngoThabiso Lebitsi kule ndawo njengoba kade ilinyalelwe uThabiso Monyane noBandile Shandu abadlala kuyo.