EzakamuvaIbhola

Usihlalo weNatal Rich Boyz akasayingeni eyokusayinisa ‘amakhehla’

SIHLE NGUBO

Akayingeni indaba yokusayinisa ‘amakhehla’ amaningi eqenjini lakhe usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela.

Uveze lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni abadlali abasha beNatal Rich Boyz ngoLwesibili, eRichards Bay.

Leli qembu laseMhlathuze lingene kwiTop 8 okokuqala emlandweni walo ekupheleni kwesizini edlule.

IBay ishiywe abadlali abathile ekupheleni kwesizini edlule, okukhona kubona uYanela Mbuthuma osezogijima kwi-Orlando Pirates.

Nokho leli qembu lethule abadlali abasha kwacaca ukuthi lifuna ukwenza kangcono kakhulu ngesizini ezayo.

Kubadlali abethulwe yiBay kukhona noGabadinho Mhango obedlalela iMarumo Gallants ngesizini edlule.

Lo mdlali waseMalawi, obuye athande kakhulu ukuzijuxujuza namambawu, ugqame kakhulu egijima kwiPirates.

Abanye abadlali abethulwe yiBay, uLindokuhle Mtshali, uThabani Zuke, uBenson Mangolo, uHalalisani Vilakazi, uNtokozo Nzama.

Kukhona noSiboniso Madonsela, uPhilani “PK” Khumalo, uLundi Mahala, uMbulelo “Dembélé” Nombengula no-Olwethu Mbambo.

UBiyela uthe uzoyibamba ekusayiniseni abafana abasebancane manje, ngoba uyayibona into abayenzayo.

“Ngisabheka omunye umdlali wasophondweni nomunye unombolo 10,” kusho uBiyela.

“Kodwa ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kulezo zindawo angidingi umuntu ongaphezulu kweminyaka engu-22.

“Uma uneminyaka engu-25 nangaphezulu, kumele uzimisele ukuncintisana.

“Asisho ukuthi asibasayinisi labo badlali kodwa sibeka phambili abadlali abasebancane.

“Akukona ukuthi siyabathanda nje. Ngesizini edlule siqale nabadlali abanamagama kodwa bangasenzela lutho.

“Obani abasifake kwiTop 8? Abafana abasebancane. Kunzima ukuziba lokhu ngoba kukhona into ewubufakazi ebambekayo.”

UBiyela ukuqinisekisile ukuthi iqembu lizodlalela imidlalo yasekhaya eMhlathuze Sports Ground ngesizini ezayo.

“Lokhu kuzosilekelela esimeni sokuhamba ngoba sisebenzisa imali eningi kakhulu ukuya le (eThekwini),” kusho uBiyela.

“Abalandeli bethu uma beya khona yithi esibahlelela amabhasi, ngakho sizokonga kakhulu.

“… lokhu kuzoyibeka iRichards Bay ebalazweni ngakho sijabule kakhulu ngalokhu.”

Le nkundla izosingatha imidlalo yeKZN Premier’s Cup ngoJulayi 26 kuJulayi 27.

Kuzohlaluka lapho ukuthi seyikwesiphi isimo nokuthi ikulungele yini ukusingatha imidlalo yeBetway Premiership.