Amehlo athe njo kwababanga owamagoli kwiDStv Premiership
SIHLE NGUBO
Imidlalo yeDStv Premiership yangoLwesithathu izophinde inike abadlali abazihola phambili ngamagoli, ithuba lokushubisa umbango.
Emidlalweni emithathu yePremiership ebhekwe ngabomvu, kukhona owe-Orlando Pirates neChippa United, e-Orlando Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iStellenbosch FC naMaZulu FC, eDanie Craven Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
Omunye umdlalo ozobhekwa ophakathi kweLamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngesikhathi esifanayo.
EZimnyama ziya kulo mdlalo umgadli wazo uTshegofatso Mabasa enamagoli angu-13 emidlalweni yeligi.
Lo mgadli, oyibonayo inethi lapho ikhona kulezi zinsuku, unethuba lokuqhubeka nomgqigqo wakhe wokuhlohla amagoli.
E-Orlando Stadium iPirates ayishayeki kalula futhi iyakwazi ukuhlohla inqwaba yamagoli.
Lokhu kuzonika uMabasa ithuba elihle lokwandisa amagoli akhe.
Ngasohlangothini lweStellenbosch u-Iqraam Rayners uzoya emdlalweni woSuthu ezihola phambili ngamagoli angu-14.
Lo mgadli useke wahlohla amagoli amahlanu emdlalweni owodwa, ngesikhathi bebhaxabula iPolokwane City ngo 5-0 emasontweni edlule.
Nakanjani naye uzokusebenzisa ukuthi udlalela ekhaya, azame ukuqhubeka nokushaywa amagoli.
Umgadli weSundowns uLucas Ribeiro Costa uya emdlalweni wabo ne-Arrows enamagoli angu-12.
Yize bedlalela ekuhambeni kodwa iSundowns iyakwazi ukushaya amagoli, futhi ayikashaywa kule sizini.
FUNDA NALA: URulani wayesevumile ukuhamba noPitso, pho wavinjwa yini?
Omunye walaba badlali abathathu usethubeni lokuhamba nomklomelo womgadli oshaye amagoli amaningi ekupheleni kwesizini.