Kukhona leli ‘hlo’ lePirates elibukhali ethalenteni
Sebengaphezu kwabahlanu abadlali i-Orlando Pirates ebalande bengadlaliswa emaqenjini abebekuwo futhi abalandeli bekhalaza ngabo kodwa sebefike baphenduka izintandokazi.
Njengeqembu elikhulu, iPirates ihlezi ilindeleke ukuthi isayine abadlali asebevele benegama futhi benza kahle emaqenjini abo.
Kodwa inakho ukuthi ivele ilande umdlali obenganakiwe, engadlali nanjalo eqenjini lakhe kodwa afike kuyo agile izimanga.
Lokhu kukhoma ukuthi ukhona kulabo abanikwe umsebenzi wokuhlwaya ikhono ‘onehlo’ elihle, elikwazi ukubona umdlali ‘wePirates’ ekude.
Lokhu kuqale ukubonakala ngonozinti uSipho Chaine olandwe kwiChippa United ezidlalela amagenda ebhentshini – nakhona uma kwenzekile.
Lo nozinti wafika izinto zizimbi epalini leBucs, kulimele uRichard Ofori kusele uSiyabonga Mpontshane kuphela.
Ukufika kwakhe akulibuyisanga ithemba kubalandeli njengoba leli qembu belixega epalini, abalandeli bekholwa wukuthi kufuneka unozinti onegama namava.
Kodwa kumanje uChaine akasaconsi phansi kubalandeli. Uma engekho eqenjini usuyabonakala umehluko.
Omunye umdlali olandwe kugaziwa lutho ngaye uPatrick Maswanganyi obelithola amacozucozu ijezi kwiSuperSport United ngesizini edlule.
Kodwa kumanje lo mdlali uyena inlhiziyo yePirates, uyena owenza izinto zenzeke, athwale iqembu.
Kumanje abalandeli sekuze banengoma abayishaya ngalo mdlali ethi, ‘WeTito’ bese iphelezelwa yisigubhu esivusa uhlevane.
IPirates iphinde yabuyela kwiSuperSport yayoboleka uThalente Mbatha ngenhloso yokuzombonela eduze.
Kodwa manje lo mdlali osemncane – uneminyaka engu-24 – usengomunye wokungangabazeki ukuthi bazowuqala umdlalo kwiPirates.
Lo mdlali ufike ngoJanuwari kade engakaze adlale kwiSuperSport futhi bancane abebemazi ngaphambi kokumenyezelwa yiPirates njengomunye wabadlali eqinise ngabo ngoJanuwari.
NoThabiso Lebitso ufike kwiPirates ngoJanuwari esuka kwiChippa United kade ‘engumdlali nje’.
Kodwa kwiPirates ubesephenduke omunye wababalulekile esikimini sikaJose Riveiro ngaphambi kokuthi alimale.
FUNDA NALA: UMabasa uyibeke kuMdali eyendondo yamagoli
Nakwabangaphandle iPirates isatheze kahle kule minyaka embalwa edlule. Osematheni njengamanje isitobha u-Olisa Ndah waseNigeria.