EzakamuvaIbhola

U-Ofori ukwabaphelelwa yizinkontileka kwiBucs

Inkontileka kanozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori, izophela ekupheleni kwesizini, kanti kumanje ikusasa lakhe kuleli qembu liyangabazeka. 

Yize engumdlali omqoka eqenjini lesizwe laseGhana, u-Ofori uzithole engasenandawo kwiPirates. 

Lokhu kulandela ukuthi uSipho Chaine kunguye osedle ijezi likanozinti oqala imidlalo, bese uMelusi Buthelezi abe sebhentshini eqenjini lilaJose Riveiro. 

Kule sizini, u-Ofori akakadlali emidlalweni ye-PSL kanti udlale kwemithathu kwiCaf Champions League. 

Nokho, phezu kokungasitholi isikhathi sokudlala ezingeni leqembu, usalokhu engunozinti othandwayo kwiBlack Stars. 

Uyidlale yomithathu imidlalo yaleli qembu kwiCaf Africa Cup on Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari. 

Kubukeka sengathi iBhakabhaka belingakakhulumi no-Ofori mayelana nokuvuselela inkontileka yakhe njengoba sekusele izinyanga ezimbili ukuthi iphele.

Ngaphezu kwalokho, kunamakilabhu amabili angaphandle kwaseNingizimu Afrika asekhombise intshisekelo ngalo nozinti oneminyaka engu-30. 

U-Ofori, odabuka e-Accra, eGhana, usevumelekile ukuthi angasayina inkontileka yesethembiso nelinye iqembu. 

Kusukela ejoyine i-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini ka-2020/21 esuka kwiMaritzburg United, u-Ofori usedlale imidlalo engu-58 kuyona yonke imiqhudelwano. 

Ungenelwe amagoli angu-36 kanti akangenelwanga goli emidlalweni engu-30. 

Usenezindebe ezine okubalwa kuzo eyeNedbank Cup nezithathu zeMTN8 kwiPirates.

Okumele kuqapheleke ukuthi ngaphandle kuka-Ofori, izinkontileka zikaThabang Monare, Kermit Erasmus, Makhehlene Makhaula, noSiyabonga Mpontshane nazo zizophela ngoJuni.

UMonare usanda kusayina inkontileka yonyaka owodwa ngoJulayi odlule, kanti leli qembu linethuba lokwelula inkontileka yakhe.

Kuvela ukuthi noMakhaula uzovuselelwa eyakhe uma iphela kanti uMpontshane engase ashiye yena.