EzakamuvaIbhola

IChiefs nePirates umhluzu owehla esiphundu kwiBay

IRichards Bay FC seyikhombise ukungazihloniphi nhlobo izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, njengoba izama ukuvika izembe kwiDStv Premiership.

INatal Rich Boyz ishaye ngo 1-0 iPirates ekhaya e-Orlando Stadium, emdlalweni weligi ngoMgqibelo ebusuku.

Igoli leNatal Rich Boyz libekwe phakathi yisethenjwa uSanele Barns.

Ngokwenza lokhu iBay iqinisekise ukuthi iCape Town Spurs idliwa yizembe nokuchaza ukuthi iyodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Leli qembu laseMhlathuze lisanda kushaya iChiefs ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Lokhu kuchaza ukuthi seliqoqe amaphuzu ayisithupha abalulekile ezinkunzini zaseSoweto emidlalweni yomzuliswano wesibili wePremiership.

Njengamanje iNatal Rich Boyz isesimeni sokuthi ingadlala imidlalo yokuhlunga uma iqeda isizini endaweni yesibili ukusuka emuva.

Nokho likhona ithuba lokukubalekela lokho uma inqoba imidlalo emibili esele bese iRoyal AM iqhubeke nokushaywa.

IThwihli Thwahla ishaywe ompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngoMgqibelo.

Lokhu kuyibeka esimeni sokuthi ingehlela endaweni yesibili ukusuka emsileni uma inganqobi emidlalweni emithathu esele.

Njengamanje esikaShauwn “MaMkhize” Mkhize (usihlalo) zinamaphuzu angu-29, kanti ezikaJomo Biyela zinangu-27.

Emdlalweni olandelayo iThwihli Thwahla izophinde ibhekane neSundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

IRichards Bay yona izohlangana phezulu neCape Town City eDHL Cape Town Stadium ngoMeyi 18.

INatal Rich Boyz kumele isebenzise isiqubu sayo sokushaya iChiefs nePirates, ukugwema ukuyodlala eyokuhlunga.

Lokho kungasho ukuthi iRoyal AM iyona ezozithola izabalaza kule midlalo ngoJuni ukuze igcine indawo yayo kwiPremiership.