Ukaputeni weChiefs ufuna bayibuyisele eNaturena iNedbank Cup
SIHLE NGUBO
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, unethemba lokuthi bazoyivikela iNedbank Cup abaqede ngayo isomiso seminyaka eyishumi beyiqukula ngesizini edlule.
Lo nozinti usho lokhu ngemuva kokuthi kuqhathwe amaqembu azogadulisana kwiNedbank Cup ka-2026, eSandton, eGoli, ngoLwesine ebusuku.
Amakhosi azobhekana neStellenbosch FC emdlalweni weLast 32, nokuwumdlalo oyimpinda yoweNedbank Cup wangesizini edlule.
La maqembu adlale kwi-quarterfinal yalo mqhudelwano kwanqoba iChiefs ngo 3-1 ngonyaka odlule.
“Nakanjani sigqugquzelekile njengabavikeli bendebe, ngoba kubalulekile ukuthi siphume inqina siyovikela isicoco sethu kahle,” kusho uPetersen.
“Kumele sisibuyisele ekhaya eNaturena. Siya kwiStellenbosch, ukuya eKapa kuhlale kujabulisa ngoba abalandeli baphuma ngobuningi babo.
“Nakanjani kuzoba umdlalo omnandi nosezingeni eliphezulu.”
IChiefs iqukule iNedbank Cup ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi nyakenye.
IStellenbosch akuyihambeli kahle emidlalweni yeBetway Premiership njengoba izithola izabalaza ngasemsileni.
Kunethemba lokuthi umqeqeshi omusha, uGavin Hunt, uzofika namaqhinga amasha kwiStellies, ayisize ithole imiphumela engcono.
UHunt uke wayiqeqesha iChiefs ngesizini ka-2020/2021 nokwenza lo mdlalo ubhekwe ngabomvu.
Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup Last 32 imi kanje:
Stellenbosch FC vs Kaizer Chiefs; Army Rockets FC v Casric Stars; Hungry Lions FC v University of Pretoria; Tshakhuma v Orlando Pirates; Durban City FC v Chippa United; Polokwane City v AmaZulu FC; SSU M17 FC v Milford FC; Safa Western Cape v Luthuli Brigades FC; FC Cardinals v Jacksa Spears; Mkhambathi FC v Lerumo Lions; Upington City FC v Magesi FC; Highbury FC v Sekhukhune United; Lamontville Golden Arrows v Orbit College; Mamelodi Sundowns v Gomora United; TS Galaxy v Marumo Gallants; Siwelele FC v Richards Bay FC

