EzakamuvaIbhola

Kuyethembisa kuSiyethemba Sithebe ngenkontileka kwiChiefs 

Umdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe, kuvela ukuthi inkontileka yakhe naleli qembu izokwelulwa njengoba iphela ngoJuni. 

IChiefs isalelwe yimidlalo emithathu yeDStv Premiership ukusonga le sizini ka-2023/24 ebe ngenzima kuleli qembu laseNaturena. 

USiyethemba Sithebe, oneminyaka engu-31, futhi ohlale isikhathi eside engadlali kule sizini ngenxa yokulimala okungaqondakali, ubuyele esikimini saleli qembu ekupheleni kukaMashi wadlala imidlalo eyisikhombisa.

Kuyona kubalwa nowokuvula isizini iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns ngo-Agasti, okwenza imidlalo eyisishiyagalombili kuphela asayidlalile kule sizini esiyosongwa.

Nokho ezinye izingqapheli nezinkakha zaleli qembu sezike zaveza ukushaya amakhala ngalo mdlali wasesiswini, okubalwa kuzo uNtokozo “Koloba” Sikhakhane muva nje.

Kodwa ngokomthombo weMpempe osondelene nemenenja yalo mdlali, inkontileka yakhe ephela ngoJuni 30, ingase yelulwe ngeminyaka emibili. 

Kuvela ukuthi nezingxoxo sezivele ziqalile, futhi seziyaphothulwa phakathi kwemenenja yakhe neqembu.

“IChiefs izovulela izembe kubadlali abaningi ngokuphela kwale sizini, iningi labo abaphelelwa yizinkontileka,” kusho umthombo.

“Kodwa uSiyethemba Sithebe uphakathi kwabadlali abangeke badliwe yizembe. 

“Ungumdlali ozinikelayo nozikhandlayo ngaso sonke isikhathi ejimini, futhi okhuthaza nozakwabo ngisho engadlali.

“Ukukhuhla ibhentshi nokubuka ibhola nezihlwele akumenzanga waba nyimbi nyimbi, njengoba ubelokhu eqhubeke njalo nokusebenza ngokuzikhandla. 

“Abaphathi beqembu bakholwa wukuthi uma enganikwa elinye ithuba ngesizini ezayo, kukhona angakwenzela  iqembu,” kusho lo mthombo.

USithebe, odabuka eLister Farm, eNewcastle, uqale ukugqama kuMaZulu FC awajoyina  kumasizini edlule esuka kwiMbombela United, yaseNelspruit eyayidlala kwiNational First Division (NFD).

Ukushaya kwakhe into ecokeme kuMaZulu kuthathe amehlo eZimpofana, zagcina zimsayinisile ngaphambi kokuqala kwesizini edlule. 

Nokho akakafiki kuleliya zinga alikhombisa esalihlikihla kuSuthu, nokumphonsela inselelo enkulu yokuthi abhukule akhombise ukuthi kungani ayesephenduke inyama kwamanye amaqembu amakhulu ePremiership. 

USiyethemba Sithebe kulindeleke abe sesikimini seChiefs esiqala umdlalo njengoba iyobhekana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.