‘Kugiye umakhelwane’ iSwallows igingqa iStellies
Ukunqoba kweMoroka Swallows kufanele ukube kujatshulelwe kakhulu kwamakhelwane e-Orlando.
Phela lokhu kunqoba kweSwaiSwai kwenyusele iqembu elingamakhelwane bayo, i-Orlando Pirates amathuba okuthola indawo yesibili kwiDStv Premiership.
ISwallows ivuthele iStellenbosch FC ngo 2-0 kungalindele muntu emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Ngaphambi kwalo mdlalo, iStellies beyisinemidlalo engu-18 ingahlulwa kwiligi.
IZinyoni zaseDube ziyiyekile nje yazixina iStellies ngasekuqaleni komdlalo, yona igade nje ukuthi ingawenzi umonakalo epalini layo.
Kube yiSwallows eya ekhefini seyihamba phambili kulandela igoli elihle likaLindokuhle “Ma-11” Mtshali.
Leli goli liqhamuke ngomnyakazo omuhle wokuhlasela ngokuzumisa weSwallows, uMtshali wawuqedela ngokudida unozinti uSage Stephens ngebhola elimshiye emile.
Nasesiwombeni sesibili bekuseyiStellies ehlasela kakhulu, kodwa kusho khona ukuthi sekukhona nokutatazela.
UMusa Nyatama, umqeqeshi weSwallows ube esenza izinguquko, eqinisa kakhulu emuva futhi kumsebenzele lokhu.
Igoli lesibili liqhamuke ngomunye umnyakazo wokuhlasela ngokuzumisa weSwallows, uGabadinho Mhango wazithola ebhekene udede nonozinti.
Lo mgadli ukhombise amava nekhono lakhe lokushaya igoli, eliphambanisa noStephens obethi uyaphuma uzomvalela isikhala.
Lokhu kunqoba kweSwallows kusho ukuthi iStellies imile emaphuzwini angu-50 ngemuva kwemidlalo engu-28.
IPirates sekusele ukuthi inqobe kwiRichards Bay ezodlala nayo ngoMgqibelo ebusuku ukuze inyukele endaweni yesibili.
EZimnyama njengamanje zinamaphuzu angu-49 emidlalweni engu-27.
FUNDA NALA: Kuyethembisa kuSiyethemba Sithebe ngenkontileka kwiChiefs
Ukuqeda endaweni yesibili – ngemuva kweMamelodi Sundowns – kuzoyibuyisela kwiCaf Champions League iPirates.