EzakamuvaIbhola

IPirates icacisa ngoMofokeng no-R120m wePSV

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates seyikhiphe isitatimende iphikisa umbiko wokuthi umdlali wayo oyinsephe, uRelebohile Mofokeng ufunwa yiPSV Eindhoven yaseNetherlands ngo-R120 million.

Kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ukuthi uMofokeng angase ayishiye iBucs njengoba ompetha be-Eridivisie sebebeke isamba sika-R120 million, okungalindelekile isenqabe iBucs.

UMofokeng udlala ibhola elihle kakhulu kwiBucs futhi abaningi babona kumfanele ukuyodlala e-Europe manje.

Lezi zindaba bese zibukeka zehla kahle impela njengoba iPirates isanda kudedela uMohau Nkota oseyodlala eSaudi Arabia kwi-Al-Ettifaq.

Nokho iPirates ithi amampunge wodwa lawo abhaliwe ngoMofokeng nePSV.

“Sifisa ukukucacisa ukuthi ayikho into enjalo ebekwe etafuleni eqenjini (ngoMofokeng),” kusho isitatimende sePirates.

“Lokhu okubhalwe odabeni akuwona amanga kuphela kodwa kuwukunganaki nokudicilela phansi.

“Njengomshicileli omdala nonomlando ebholeni laseNingizimu Afrika, lo mshicileli (bemgagula ngegama) kufanele ngabe usezingeni eliphezulu kwezobuntatheli obuhambisana nento ebambekayo, eqondile nokunaka.

“Ngebhadi kulokhu bakhethe ukuba nehaba esikhundleni sokuthi bathole iqiniso eliphelele.

“Le ndlela yokubika ayigcini nje ngokufaka iningi ehlathini kodwa iphinde ibe yisiphazamiso esiqondiswe kumdlali neqembu, esikhathini esibaluleke kakhulu lapho silungiselela isizini entsha.

“I-Orlando Pirates izibophezele kwinhlalakahle yabadlali bayo futhi izoqhubeka nokubeka bona phambili.

“Sinxusa abezindaba ukuthi bapheze ukushicilela imibiko abangenaso isiqiniseko ngayo ngoba nakhu bejahe ukuheha izinkumbi zabantu ukuthi zibalandele.”

IPirates isanda kuphuma kokunye ukukhuluma okuthinta umdlali wayo uMonnapule Saleng.

Lo mdlali kuphele izinyanga eziyisithupha zonke kuqagelwa ngesimo sakhe kwiPirates njengoba ebengadlali kuthiwa ukhononda ngeholo lakhe.

Uze wabolekiswa kwi-Orbit College, esanda kunyukela kwiBetway Premiership, iPirates ingazange icacise ukuthi yini ngempela abayibangayo noSaleng.