Ubonge uTerrence Dzvukamanja uRiviero enqoba indebe yesibili kwiBucs
By Sbongs Gumbi
UTerrence Dzvukamanja uqede isizini obekuthiwa iyophela engasekho kwi-Orlando Pirates eyiqhawe laleli qembu elinqobe izindebe ezimbili, laqeda endaweni yesibili kwiligi.
Lo mgadli odabuka eZimbabwe kuke kwanemibiko ethi usefisa ukushiya kuleli qembu ngenxa yokulizwa ngendaba ijezi.
Bekuthi noma esitholile isikimu uTerrence Dzvukamanja izinto zingamhambeli kahle kwaze kwanesikhathi la abalandeli bebengasamuzwa khona.
Kodwa kube yigoli lakhe elinqobise iPirates indebe yayo seyibili ngesikhathi ishaya iSekhukhune United ngo 2-1 ngoMgqibelo kusihlwa.
Lo mdlalo wamanqamu bewudlalelwa eLoftus Versfeld kanti kuke kwangathi iPirates izoyisheba le ndebe ngesikhathi iSekhukhune ilishaya kuqala igoli.
Lishaywe uSibusiso Vilakazi oqhamuke eseqedela ngemuva kwesidididi esenziwe yizitobha sePirates.
Bekusaphele imizuzu engu-12 umdlalo uqalile kungena leli goli. Kodwa kuyiwe ekhefini sezibambene ngo 1-1.
Igoli lokulinganisa lePirates liqhamuke ngemuva kwephenathi okusazokhulunywa ngayo ngoba abanye bathi bekungamele ibekwe.
Iqhamuke ngemuva kokuthi uVictor Letsoalo ebambe ibhola ngesandla esebhokisini langakubo.
Ubekade elele phansi elimele kodwa wazama ukuphuca uThembinkosi Lorch ibhola, wabe eselithinta ngesandla.
UTapelo Xoki uyivalele enethini sekuphela isiwombe sokuqala. Isiwombe sesibili asibanga nezimanga ezitheni yize womabili amaqembu abehlasela.
Futhi kuthe sekubhekwe ukuthi kuyoze kuyiwe esikhathini esengeziwe, waqhamuka uTerrence Dzvukamanja, walibasela enethini elkuwina lePirates.
“Ngiyamjabulela kakhulu ngoba lo mfana uke wanezikhathi ezinzima kule sizini,” kusho uRiveiro ekupheleni komdlalo.
“Ubethwele kanzima futhi kwesinye isikhathi abalandeli bebengamuzwa kahle. Kodwa ungumdlali omuhle kakhulu futhi yingakho edlala kwiPirates.”
FUNDA NALA: IDowns ichithe u-Andile Jali sekusele inyanga kuphele inkontileka
Ube esencoma noMonnapule Saleng oqokwe njengoMdlali obeVelele kulo mdlalo bubukwa ngabalandeli abangaphezu kuka-42 000 bukhoma enkundleni.
“Ngingathini nje ngoSaleng? Isizini yakhe yokuqala le. Usazoba ngcono kakhulu,” kusho lo mqeqeshi.