EzakamuvaiDStv Premiership

Izembe liyayimoyizelela, liyicifele neso iRoyal AM 

Kusinda kwehlela kwiRoyal AM, futhi kufanele ukuthi seyikhathazekile manje ngezembe ngoba selisondele kakhulu. 

Into eyinkinga kakhulu kwiRoyal AM wukuthi isalelwe yimidlalo ezobhekana kuyo namaqembu kwawona azama ukubalekela le ndoda yezembe.

Nokho okwehlukile wukuthi wona asefomini engconywana futhi ayawacoshacosha amaphuzu lapha nalaphaya. 

EzikaMaMkhize zisalelwe yiChippa United ezizodlala nayo ngoMgqibelo, neMoroka Swallows emdlalweni wokugcina wesizini. 

Isimo seRoyal AM sishube kakhulu ngesikhathi ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Kufanele ukuthi beyingakujabulela ukuya ekhefini ingakangenelwa goli iRoyal AM, futhi kuke kwabukeka kuzokwenzeka. 

Nokho kuthe sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini, waqhamuka uPeter Shalulile wanqaba ukuyinika ithemba. 

Nasesiwombeni sesibili iSundowns iqhubekile nokugcaluzela nje engxenyeni enkulu yeRoyal AM, osokhaya bona bezama ukuhlasela ngokuzuma. 

Iwatholile amathuba kodwa kwasho khona ukuthi mhlawumbe inhlanhla yabo beyisavakashe kwamakhelwane. 

Elesibili lishaywe uLesiba Nku ngomzuzu ka-74, kwacaca ukuthi esingakwenza iRoyal AM ukuzama ukuhloniphisa umphumela, ingadliwa ngembudlu. 

ISundowns ilitholile ithuba lokushaya elesithathu ngesikhathi ibekelwa iphenathi sekusele amanenjana umdlalo uphele.

Nokho uMarcelo Allende uvele walibhamuza ngokukhulu ukunganaki, layophuma le phezulu kude nepali.