EzakamuvaIbhola

Wake wadlalela u-R1 uSteve Lekoelea wodumo kwiPirates

USteve Lekoelea, owazakhela igama ngebhola elihle ayelidlala kwi-Orlando Pirates, useveze ukuthi wake wadlalalela ishumi (R1). 

Uthi yiwo amashumi lawo amsiza wagcina eyisihlabani futhi engaconsi phansi kubalandeli bebhola kuleli. 

USteve Lekoelea wayedlala ibhola elinomjiko, nebhola elibekwe phansi (free kick) engalibheki njengoba wayelishaya likheve, liyodla inethi.

Uthi wayebheja ngo-R1 nabantu basendaweni yangakubo eSebokeng, eVaal ukuthi engalikhahlela njengoDavid Beckham ibhola. 

“Imfihlo yami ngokukhahlela amabhola abekwe phansi (free kicks) wukuthi ngangibheja ngo-R1 ngisakhula ukuthi ngingalikhahlela njengoBeckaham. 

“Nganginganakile ke nokho ngalesi sikhathi ukuthi ngiyazicija ngalokho,” kusho uSteve Lekoelea kwabeDaily Sun. 

Le nkakha, esineminyaka engu-45, ithi ithalente layo lebhola yaliphiwa uMdali ukuthi yelaphe ngalo abalandeli. 

“Ngiyazi ithalente lokudlala ibhola ngaliphiwa uMdali. Ngangelapha abantu ngethalente lami.”

Esemncane uyise wayengayizwa kahle indaba yokuthi uzoyodlala ibhola nangeSonto, efuna aye enkonzweni. 

Uthi yodwa yena kuye inkundla yayifana nendlu yesonto njengoba ibhola kuye liyinkolo. 

“Uma ngidlala ibhola kwakuba sengathi ngikomunye umhlaba. Kwakuba ngathi kukhona ingelosi engiholayo.”

Njengamanje useqale iqembu lakhe, iLekoelea FC, afisa ukulijika libe yisikhungo sokuthuthukisa amakhono ngokuhamba kweminyaka.

Uthe okwamanje usazama ukuthola izimali zokuthi aqale isikhungo esizonika abadlali abasebancane ithuba lokuzibonakalisa. 

Ebuzwa ngebhola lamanje kwiDStv Premiership, uSteve Lekoelea uthe ubona iMamelodi Sundowns isazoqhubeka isikhashana izenzela. 

FUNDA NALA: UMiddendorp usaneminjunju ngendlela aphoxwa ngayo kwiChiefs

Uveze nokuthi uyaye axakeke ukuthi namanje abanye abantu basambuza ukuthi kungani engabuyeli ekudlaleni kwiPSL.