EzakamuvaiDStv Premiership

UMkhulise uthi bayoyinunusela ngamaphuzu iRoyal AM

Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uSiphelele Mkhulise, uthi ngeke iwanuke amaphuzu amathathu i-Royal AM abazobhekana nayo koweligi.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Okwesibili esikhathini esiyizinsuku ezine la maqembu ehlangana emdlalweni weDStv Premiership.

NgoMgqibelo iThwihli Thwahla ihambe ekamabuyaze eLoftus Stadium ePitoli, lapho ishaywe khona ngo 1-0 ompetha beligi.

UMkhulise uthe uyazi ukuthi iRoyal AM izofuna ukubaxina ngoba nayo izama ukubalekela izembe.

“Kuzoba umdlalo onzima ngoba bazofuna ukuza mawala kithina, njengoba wazi ukuthi ukuthi basendaweni ka-14 kwilogi,” kusho uMkhulise obe umdlali ovelele kubhekene la maqembu ngempelasonto.

“Badlalela ekhaya futhi bazofuna ukuthatha amaphuzu amathathu kithina, okuyinto esingeke sibanike yona.

“Nathi sinezinto esizibekele zona njengeqembu ngakho ngeke sikuvumele lokho.”

Lo mdlali, obuye ayibambe nasophondweni kwesokudla, uthe abalandeli ngeke bazisole ngokuza enkundleni.

“Abalandeli bangalindela ukuthi sizobabonisa umdlalo omuhle, ogcwele amagoli,” kusho lo mdlali.

“Singakuqinisekisa futhi kubalandeli ukuthi sizophumelela.”

ISundowns, engakashaywa kule sizini, ivele isingompetha beligi besizini ka-2023/24.

Ngakolunye uhlangothi iThwihli Thwahla izabalazela ukungayi ukuyodlala imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini.

Ukunqoba kweRoyal AM lo mdlalo kungayiphefumulisa kangcono, njengoba ingavula igebe lamaphuzu amahlanu phakathi kwayo neRichards Bay FC.

Uma inganqobi iThwihli Thwahla ingcindezi izoqonga kakhulu njengoba sekuyosongwa imidlalo yeDStv Premiership.