Obekuhloswe uNtseki ngoMaart, Mthethwa noCastillo koweCity
Isinqumo sikaMolefi Ntseki sokufaka uYusuf Maart, Sibongiseni Mthethwa, no-Edson Castillo eqenjini eliqale umdlalo iKaizer Chiefs ishaywa yiCape Town City ngo 1-0 ngoLwesibili, simdonsele amanzi ngomsele.
Laba badlali abathathu banekhono lokumaka esiswini, bachithe imizamo yezitha zingakasondeli odongeni lwasemuva.
Kumele kuqapheleke ukuthi bekungokokuqala bedlala ndawonye, futhi bekulindeleke ukuthi uMaart noCastillo bakhululeke, bahlasele.
Nokho indlela iCity ehlale ngayo emuva yenze kwaba nzima ukuthi laba badlali basheshe bazifunde izikhala ezivulekile kwazise kwabona bavamise ukuhlala emuva.
Ngaphambi komdlalo uNtseki ubechazile ngezinhlelo zakhe zokusebenzisa laba badlali. Uzwakalise ukugculiseka ngesikwati waphinde wancoma ikilabhu ngokulanda uMthethwa, egcizelela ukuthi lokhu kuqinisa ukuncintisana eqenjini.
UNtseki ukholwa ukuthi ukufika kukaMthethwa kuzovumela uCastillo ithuba nenkululeko yokuhlasela.
Uchaze uCastillo njengomdlali okwaziyo ukudlala njengonombolo ‘8’ no-‘6’, okusiza iqembu likwazi ukwenza izinto eziningi ngaye.
Mayelana nokuthi uzobasebenzisa kanjani bonke abadlali abathathu ngesikhathi esisodwa, uNtseki ugqamise ukubaluleka kokuhambisana nezimo zomdlalo.
“Kungenzeka (ukuthi laba bobathathu badlale ndawonye) kuye ngohlelo lomdlalo, isikhathi ngokunjalo nesigaba somdlalo ngokubheka esifuna ukukuzuza ngaleso sikhathi.
“Uma sifuna ukubabona bobabili (uCastillo noMaart) besiza iqembu ngokuhlasela, sizobasebenzisa bobathathu.
“Futhi uma sifuna ukubabona bobabili (uCastillo noMaart) besiza iqembu ukuvika izitha, kuzokwenzeka ngoba bangabadlali abasezingeni,” kusho uNtseki.
Ugcizelele ukuthi iqembu lakhe selibhalanse kahle manje esiswini. Futhi ukuba khona kwalaba abathathu kumenza abe nezindlela eziningi zokudlala angazisebenzisa.
Uthe kuzoba ngcono kakhulu uma sebeqondana kangcono, sebekwazi ukuxhumana kahle enkundleni.
“Uma ubheka abadlali bethu bamaphakathi nenkundla njengamanje, iqembu libhalanse kahle kakhulu.
“Okubi wukuthi uma unabadlali abathathu eqenjini, ungasebensiza ababili enkundleni (omunye ucuphe ngaye ebhentshini).
FUNDA NALA: U-Erasmus uphika eyenzondo ngeDowns, kodwa ufuna ukuyigila
“Uma unabane, ungakwazi ukusebenzisa abathathu enkundleni ngesikhathi esisodwa. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi sakhe ukusebenzisana phakathi kwabo.”