Ezimnandi kwiBucs kubuya umdlali obemisiwe
Izindaba ezijabulisayo kwi-Orlando Pirates wukuthi umdlali wasesiswini uThalente Mbatha uyabuya emdlalweni olandelayo.
Lokhu kuzonikeza umqeqeshi uJose Riveiro isibalo esikhulu sabadlali azoqoka kubo abazoqala umdlalo wabo neTS Galaxy ngoMgqibelo.
Leli qembu liqinisekise ukubuya kukaMbatha kwiwebhisayithi yalo, laveza ukuthi ubengekho emdlalweni odlule la beshaywe khona yiRichards Bay.
Ngemuva kokunikezwa isigwebo somdlalo owodwa, lo mdlali eneminyaka engu-24 usebuyile.
“UThalente Mbatha uyabuya ukuzokwengeza abadlali umqeqeshi uJose Riveiro angakhetha kubo esiswini.
“Lo mdlali oneminyaka engu-24 usevumelekile ukuthi aqokwe ukuqala umdlalo ngemuva kokuqeda isigwebo sokumiswa umdlalo owodwa.
Kodwa izindaba ezimnandi azigcini lapho kumaBhakabhaka. Omunye umdlali omqoka, uDeon Hotto, sekuseduze abuye naye.
“Kungezeka iBucs iqine kakhulu ngokubuya kukaDeon Hotto, owelulamayo kulandela ukuthinteka emdlalweni weNedbank Cup esahlula kuwo iChippa United.”
IPirates isemkhankasweni wokuqeda endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership ukuze ibuyele kwiCaf Champions League.
Njengamanje iyibanga neStellenbosch FC le ndawo. Kumele nakanjani inqobe iPirates emdlalweni olandelayo.
FUNDA NALA: OweRoyal AM uvuma ukusinda kwesigwebo seFifa
Nokho kuzomele izibambe ziqine njengoba izobhekana neTS Galaxy eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.