IStellies edonsa kanzima seyidayisele iPirates umdlali obalulekile
SIHLE NGUBO
Yize izinto ziyimele kabi kule sizini, iStellenbosch FC isaqhubeka nokudayisa abadlali bayo abasezingeni eliphezulu evamise ukungazivali izikhala zabo.
Ezakamuva zithi iStellies seyivumelene ngakho konke ne-Orlando Pirates ukudayisa umdlali wayo u-Andre de Jong, njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
Kuvela ukuthi konke sekuqediwe ngokuya kwiPirates kwalo mdlali, osekusele ukuthi ethulwe ngokusemthethweni yiBucs.
IPirates kwale kancane ukuthi isayinise lo mdlali waseNew Zealand ngasekuqaleni kwesizini.
Nokho kuvele ukuthi into evimbile kube ukungabi naye omunye umdlali iStellies ebizovala ngaye isikhala sikaDe Jong.
Lo mdlali, oneminyaka engu-29, ungomunye walabo abanamava nabadlala kangcono kwiStellies njengamanje.
EzikaSteve Barker zidonsa kanzima kwiBetway Premiership selokhu kuqale isizini, futhi ziyiqembu elihluke kakhulu uma kuqhathaniswa nesizini edlule.
IStellies iyibambe endaweni ka-14 kwilogi yePremieship, kanti isaqoqe amaphuzu angu-12 kuphela emidlalweni engu-14 esiyidlalile.
Ngalesi sikhathi ngesizini edlule, leli qembu laseWestern Cape belibalwa namane abephezulu kwilogi yePremieship, futhi belenza kahle kwiCAF Confederation Cup.
IStellies isekhona kwiConfederation Cup njengoba lo mqhudelwano sewungene esigabeni semidlalo yamaqoqo.
Nokho kubukeka kuzoba wumqansa kakhulu emidlalweni ezayo uma kubhekwa indlela elidlala ngayo leli qembu.
Okuqaphelekayo ukuthi iStellies seyihlukane nabadlali abasezingeni eliphezulu kumasizini ambalwa edlule kodwa akucaci kahle ngabangena ezikhaleni zabo.
Kulabo badlali kubalwa u-Iqraam Rayners, uJaden Adams noFawaaz Basadien, abasayiniswe yiMamelodi Sundowns.
Kukhona noDeano van Rooyen, osekwi-Orlando Pirates, noSibongiseni Mthethwa osedlalela iKaizer Chiefs.
IPirates ibukeka izimisele ngokushanela kwasani ezindebeni ezikhona kwiPSL, uma kubhekwa abadlali ebasayinisile.
IBucs izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Leli qembu lizobe selizama ukunqoba indebe yesibili kule sizini, kulandela ukuqukula iMTN8 ngasekuqaleni kwesizini, ngokushaya yona iStellies ngo 3-0 kowamanqamu.
Ngasohlangothini lweStellies ingase izithole idliwa yizembe ekupheleni kwesizini uma ingashintshi indlela edlala ngayo.
UDe Jong ubedlala umdlalo wakhe wokugcina egqoke imibala yeStellies, ngesikhathi ishaywa yiPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoLwesithathu, e-Athlone Stadium, eKapa.

