Isiyocaca ngosuku lokugcina eyeBay neRoyal AM
Sekucishe kucace ukuthi yiRichards Bay ezoyodlala imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini, ukuzama ukuhlala kwiDStv Premiership.
Lokhu kulandela ukuthi leli qembu livuthululwe kabuhlungu yiCape Town City ngo 3-0 ekuhambeni ngoMgqibelo ntambama.
Ngesikhathi esifanayo, iRoyal AM yona ibambane neChippa United ngo 0-0 eHarry Gwala Stadium.
Lamaqembu aKwaZulu-Natal ahlukaniswe amaphuzu amathathu njengoba esesalelwe wumdlalo owodwa kusongwe isizini.
Sekuyocaca ngoMgqibelo ozayo ukuthi yiliphi kulamaqembu alizoyodlala eyokuhlunga.
Uma iBay inqoba emdlalweni wokugcina la izobhekana neStellenbosch FC ebheke ukuqeda endaweni yesibili.
IRoyal AM yona izovala ngeMoroka Swallows ekuhambeni okuwumdlalo edinga ukuthola iphuzu elilodwa kuwo ukuze isinde ezembeni.
Uma iBay ishaya iStellies, bese iRoyal AM ihlulwe yiSwallows, kuyosho ukuthi ezikaMaMkhize eziyodlala eyokuhlunga.
Embangweni wendawo yesibili, nawo usuyophela kahle ngempelasonto ezayo njengoba womabili amaqembu abanga le ndawo ethole induku kulo Mgqibelo.
IStellies ishaywe yiMamelodi Sundowns ebuqhuba irekhodi layo lokungehlulwa, nokucaca ukuthi izoyiqeda isizini ingayazi induku.
I-Orlando Pirates yona ihluleke yancama kwiTS Galaxy, yagcina ilugobile uphondo ihlulwa ngo 1-0 eMbombela Stadium,
IGalaxy ithole ukuzethemba njengoba izophinde izame ukuba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns emidlalweni yeligi kule sizini.
FUNDA NALA: Ezimnandi kwiBucs kubuya umdlali obemisiwe
Lamaqembu azodlala umdlalo wawo khona eMbombela Stadium ngoLwesibili ebusuku.