EzakamuvaiDStv Premiership

IPirates sekumele isihlwithe eseligi kwiDowns – Teko Modise

UTeko Modise ukholwa wukuthi uma i-Orlando Pirates ingaqhubeka nomgqigqo ofanayo, ingayiphonsela inselelo iMamelodi Sundowns ngesicoco seligi ngesizini ezayo.

Nakuba iqembu likaJose Riveiro njengamanje lihlezi endaweni yesithathu, libe sefomini enhle ngo-2024.

Nangasekuqaleni kwesizini lanqoba indebe yeMTN8, kanti selizibekisele indawo nakowamanqamu weNedbank Cup.

UTeko Modise uthi Pirates inokuningi okulinganayo nokweDowns futhi ubona kufanele liphonsele labo mpetha basePitoli inselelo kwiligi ngesizini ezayo.

“Ngicabanga kanjalo impela,” kusho uModise kwi-iDiski Times muva nje.

“Ngicabanga ukuthi wonke umlandeli waseNingizimu Afrika uzokutshela ukuthi ngenxa yokuthi uma ngibuka ukuhleleka kweqembu… 

“Ngibona iPirates ineqembu elihle kakhulu futhi ngicabanga ukuthi inalo lonke ilungelo lokukwazi ukufakela iMamelodi Sundowns inselelo kwiligi.

“Ngiqonde ukuthi ubheka iStellenbosch ukuthi silokhu sivela endaweni yesibili bese ubheka isibalo sabadlali enabo… 

“Bancane abadlali abanabo, abanaso isibalo esikhulu. IPirates ineqembu elikhulu.

“Kodwa ngikholwa kakhulu ukuthi i-Orlando Pirates kufanele kube yiqembu eliphonsela iMamelodi Sundowns inselelo kwiligi.”

ISundowns kumanje seyidle isicoco sayo seligi sesikhombisa kulandelana kanti abaningi bakubona kungekuhle ukuthi kukhonye iqembu elilodwa esicocweni seligi.