EzakamuvaIbhola

IChiefs nentshisekelo entsha kumdlali weBafana

IKaizer Chiefs isiphinde yavuselela intshisekelo yayo kumdlali weBafana Bafana ne-Al Ahly, uPercy Tau.

Amakhosi aphinde aba nenye nesizini enzima kakhulu kwiDStv Premiership njengoba izoqeda ishwiba izandla. 

IKaizer Chiefs ihluleke yancama ukuthola indebe kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule.

Kumanje ilwela ukuqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeDStv Premiership.

Isimo sibucayi futhi wonke umuntu oseNaturena, nothanda leli qembu usekubonile manje lokho.

Yingakho kumanje abaphathi benezinhlelo ezinkulu zokunqanda lesi simo, babuyise izinsuku zenjabulo nempumelelo. 

Olunye lwezinhlelo zeChiefs, ngokubika kweSoccer Laduuma, wukusayinisa uPercy Tau wodumo kwiBafana. 

UTau uphelelwa yinkontileka kwi-Al Ahly kanti Amakhosi asiqaphe ngeso lokhozi isimo sakhe ukubona ukuthi aliveli yini ithuba lokumthola.

“Kunabadlali iqembu elibafake ohlwini lwalabo elifisa ukubathola kanti noPercy Tau ungomunye wabo. 

“Abaphathi bakubeke kwacaca ukuthi kusukela ngesizini ezayo bafuna ukuletha abadlali abasezingeni eliphezulu nomqeqeshi osezingeni eliphezulu.

“Ngakho ke ngeke kube nguTau kuphela, njengoba kukhona nabanye abadlali abanohlonze abababhekile.

“IKaizer Chiefs ifuna ukuqinisa yonke indawo kusukela konozinti, abadlali basemuva, abadlali basesiswini nabagadli. 

“Kodwa okwamanje engingakutshela khona esimaziyo ukuthi usohlwini nguPercy Tau.”