EzakamuvaIbhola

IPirates enkingeni enkulu ngoTapelo Xoki

Isikhala sikaTapelo Xoki kwi-Orlando Pirates sibonakalile ngesikhathi ihlulwa yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo. 

IPirates iqale umdlalo ngoNkosinathi Sibisi no-Olisa Ndah, obekubonakala kalula ukuthi abajwayele ukudlala ndawonye. 

UNdah uze wagcina ethola ikhadi eliphuzi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

Lokhu kuphoqe ukuthi umqeqeshi, uJose Riveiro amkhiphe ngesikhathi sekhefu, afake uThabiso Sesane endaweni yakhe.

Lokhu ubekwenzela ukuqinisekisa ukuthi akaphumi ngekhadi elibomvu ebelizonyomfa izinhlelo zakhe zomdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

Izinhlelo zalo mqeqeshi sezivele zinyomfekile njengoba kulimele uTapelo Xoki okuvela ukuthi ngeke esadlala kule sizini. 

“UTapelo Xoki usekhishiwe eqenjini ngeke esadlala kule midlalo esele yesizini ka-2023/24,” kusho iPirates esitatimendeni ngoMgqibelo. 

“Futhi kuzodingeka ayohlinzwa kulandela ukulimala edolweni ejimini ngasekuqaleni kweviki.” 

Lokhu kusho ukuthi uTapelo Xoki ngeke esawudlala owamanqamu neMamelodi Sundowns ngoJuni 1 eMbombela Stadium

Lokhu kusho ukuthi uRiveiro kuzomele adlalise abadlali abangajwayele ukudlala ndawonye kulo mdlalo.

Nokho usazoba nethuba lokuphinde ahlole ukuhlangana kukaSibisi noNdah emdlalweni weokugcina weligi ngempelasonto ezayo. 

IPirates izobhekana neSuperSport United ezoyinika inselelo eqinile kulo mdlalo edinga ukuwunqoba ukuba sethubeni lokuqeda endaweni yesibili kwilogi. 

Omunye umdlali obengekho kwiPirates ngoMgqibelo yinjini yaysesiswini uMiguel Timm naye okhale ngobuhlungu edolweni.

Kodwa ke ezinhle wukuthi uDeon Hotto yena ubuyile futhi ungenile umdlalo usuya ngasemaphethelweni. 

Udlale efale isivikelabuso esifana nalesi esigqokwa umgadli waseNigeria uVictor Osimhen. 

UHotto wathinteka esweni emdlalweni weNedbank Cup iPirates ibhekene neChippa United emavikini ambalwa edlule.