U-Itu Khune ucacisa ngokuzokwenzeka ngaye kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uphawule ngekusasa lakhe ngemuva komdlalo wokumhlonipha ngoMgqibelo.
U-Itumeleng Khune ungene sekusele imizuzu engu-15 ngesikhathi ezakhe zibambana ngo 0-0 nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium.
IChiefs ibigcina ukudlalela ekhaya kule sizini, kanti izovala imidlalo yeligi ngokubhekana neCape Town Spurs, eKapa ngoMgqibelo ozayo.
Yize u-Itumeleng Khune engaphumelanga obala ngokuthi uwagaxa emgibeni amagilavu akhe noma cha, kodwa uthe usekhona kwiChiefs.
“Uhambo luselude,” kusho uKhune ekhuluma noLerato Phago weSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Sisazobonana, sisazohamba ndawonye njengoba besenza, futhi ngibonga konke engikwenzelwe yibo bonke abantu.
“Akukona ukuvalelisa. Iqembu likubeke kwacaca ukuthi liyangihlonipha ngokuba nalo iminyaka engu-25. Abashongo ukuthi siyavalelisa ku-Itumeleng Khune.
“Ngicabanga ukuthi sizobuyela emuva, sihlale phansi, sidingide ikusasa. Kodwa okwamanje akukho okusaqinisekisiwe.”
Kunabakholwa ukuthi uKhune, oneminyaka engu-36, usengadlala amasizini ambalwa ngaphambi kokuthi athi khumu ebholeni.
“Imilenze yami isengangigqogqosha iminyaka embalwa ezayo.
“Ngizoqhubeka ngizinikele ngakho konke uma nginikwa ithuba lokugqoka ijezi elinokumnyama nokusagolide leKaizer Chiefs,” kusongwa uKhune.
Omunye wabakholwa wukuthi uKhune usangaqhubeka nokudlala nguWilliam “Cool Cat” Shongwe.
Lo mhlaziyi weSuperSport, owayengunozinti weChiefs ngezikhathi zakhe, ubonise uKhune ukuthi ayozama engxenye uma iChiefs ithi akayeke ukudlala.
“Mina ngicabanga ukuthi uKhune kuningi okuhle asangakwenza,” ucashunwe esho kanje uShongwe kwiFARPost muva nje.
“Abanye onozinti badlala baze babe ngale kuka-40 weminyaka, bedlala ezingeni lamazwe ngamazwe.
“UKhune, uma livela ithuba, ngingathi kuye, ‘Hamba uyozibonakalisa nelinye iqembu…
“‘Uma iChiefs ikulaxaza, mhlawumbe awusalungile kuyo, hamba uyodlala kwenye indawo ubone kwenzakalani’,” kusho uShongwe.
FUNDA NALA: IPirates enkingeni enkulu ngoTapelo Xoki
Ukuthi kuzogcina kwenzakaleni ngoKhune ngenye yezinto okuzoxoxwa kakhulu ngazo uma sekuvalwe isizini.