EzakamuvaIbhola

Ezingezinhle ngoKhama Billiat – udlelwa umuzi eGoli

UKhama Billiat, obedlala kwiKaizer Chiefs, angase alahlekelwe wumuzi wakhe oseMidrand ngenxa yokuhluleka ukuwukhokhela. 

Kuthiwa inkampani eyamdayisela lo muzi okuhlala kuwo izihlobo zakhe njengamanje, seyifuna ukuwudla futhi seyilufake enkantolo udaba lwakhe. 

Ngokubika kweCity Press i-Emerging Markets Home Loans seyifake isicelo eNkantolo ePhakeme yasePitoli sokuxosha abadlal kulo muzi.

Le nkampani ifake isicelo sayo ngoMeyi 5, itshela inkantolo ukuthi abahlezi kulo muzi sebehleli ngokungafanele.

Kuthiwa lo muzi uzofakwa endalini ngoJuni ukuze le nkampani ikwazi ukubuyisa imali eyilahlekele.

“Ulwazi oluvelayo wukuthi lo mdlali ubengasayikhokhi imali yestolimende sanyangazonke.

“Lokhu kuphoqe le nkampani eyamboleka imali yokuthenga lo muzi ukuthi iwufake endalini ukuzama ukubuyisa imali yayo ebalelwa ku-R1.7-million,” kusho isikhulu senkantolo okuthiwa sicele ukungavezwa. 

Lesi sikhulu siphinde saveza ukuthi imizamo yabo yokuthola uKhama Billiat ayiphumelelanga. 

Le nkampani ifuna uBilliat – oneminyaka engu-33 – akhokhele nezindleko zenkantolo. 

UKhama Billiat, owake wadlala nakwiMamelodi Sundowns, ubengomunye wabadlali abahola kakhulu ebholeni lakuleli. 

Ekushiyeni kwakhe kwiChiefs – ahamba kuyo engavalelisanga – uBilliat ube esevumbuka kwiYadah FC yangakubo eZimbabwe.