EzakamuvaIbhola

UMpengesi ukhala ngonompempe, ufuna kuqalwe iVAR 

Usihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi usebe ngoqokuqala kubaphathi bamaqembu ukuphumela obala ngokufathuza konompempe kuleli.

UMpengesi uthi izinqumo zonompempe ziyalixova ibhola, futhi zehlisa umdlandla ngoba zinokwenzelela. 

“Emidlalweni yakamuva, imimphumela yemidlalo yeChippa United isiveze obala izinkinga ezikhona ngonompempe abangaphansi kweSafa. 

“Emidlalweni yethu naMaZulu neMoroka Swallows, siphikelwe amagoli okuyinto esincishe amaphuzu amane abalulekile. 

“Umsebenzi wonompempe ubalulekile ekutheni imidlalo ibe nobulungiswa futhi izinqumo ezigejayo zakamuva ziveza isidingo sokuphuculwa kwalo mkhakha,” kusho uMpengesi esitatimendeni.

“SiyiChippa United asifuni ukwenzelelwa. Ukuhlulwa kuyingxenye yebhola futhi ngokujwayelekile iqembu elizilungiselele kahle liyanqoba.” 

Ube esenza isibonelo ngokufathuza konompempe emdlalweni owandulela owamanqamu kwiMTN8 owawuphakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. 

Uthi ukube unompempe wawenza kahle umsebenzi wakhe, owamanqamu wawuyodlalwa yiChiefs nePirates. 

Ube esecacisa ukuthi uhlelo lokusiza onompempe, iVAR cishe lungaba nosizo ekugwemeni amaphutha onompempe athi ehlisa isithunzi sebhola kuleli. 

“Impela ukuqalwa kweVAR kuzodinga imali enkulu kwiPSL, kodwa imiphumela yokungabi nayo izoba mibi kakhulu. 

“I-VAR yenza izinqumo zicacele wonke umuntu. Kusiza nonompempe ukubehlisela umthwalo wokuthatha izinqumo abangenasiqiniseko ngazo.” 

FUNDA NALA: Usola ukubanjwa ngophondo bencishwa iphenathi owe-Al Ahly

UMpengesi uthi njengoba okwamanje ingakaqalwa iVAR, unxusa iSafa ukuba isize onompempe ngayo yonke indlela engakhona ngayo.